
U-Tiger the Barman wase-UKZN Ukhiphe i-Albhamu Yokuqala
Click here for English version
Umculi, ongumbhali wezingoma ophinde abe wumdlali webhola elikhokhelwayo, uMnuz Bongani Ndimande - obuye aziwe ngoTiger The Barman (TTB) - ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala enezingoma eziyi-14 enesihloko esithi: Made In M.A.R.S (Men Are Really Stressed).
Umculo kaNdimande ungathengwa noma utholakale ezitolo ze-inthanethi okubalwa kuzo i-Apple Music, iTunes, Spotify, YouTube, Deezer, Shazam, TikTok kanye no-Instagram. Lesi sitshudeni sase-UKZN esenza iziqu ze-Honours ezifundweni zeziNdaba sihlanganisa umculo ‘ okhuluma naso ngaphambi kokuthi usixhumanise nomhlaba’.
UNdimande uthe: ‘Ngikhiphe i-albhamu yami i-Made In M.A.R.S. ukugqamisa ngomculo ingcindezi amadoda abhekana nayo emphakathini nokuwasiza ukuthi aqine idolo ezintweni eziwathunazayo. Ukwenza umculo kuyayipholisa ingqondo yami nomoya wami - yonke into engomculo wami iyiqiniso. Ngibhala ngezinto engibhekane nazo nangezinto ezihlanganisa abantu bomhlaba.’ kusho yena.
Ephawula ngokushona komculi obengumbhali wezingoma wakuleli uRiky Rick, uNdimande uthe, ‘Ngicabanga ukuthi abantu jikelele, noma ngabe benza muphi umsebenzi noma ngabe bayibuphi ubulili, kumele bafunde ukuzithanda futhi bayeke ukubheka ukuvunywa ngabanye. Njengendoda esendimeni yomculo, usebenza ukuzinyusa bese kuthi uma usufike esicongweni somsebenzi wakho izinto ozenzayo zingasetshenziswa ukukujikela kanti isikhathi esiningi iningi lidube umsebenzi wakho.’
UNdimande uthe umculo wakhe ukhuluma ngobuhlungu bokulahlekelwa nenjabulo elethwa wukuthokoza okusuka ngaphakathi. ‘Iculo neculo kwi-albhamu yami linomyalezo okhuluma ngokuthi ngibhekane kanjani nengcindezi kanti uma ulalela uzozwa ukuthi kungani kungithathe iminyaka emibili ukuyiqeda. Sengikwaze ukuthola indlela entsha yokubonga impilo ngokuba nokuthula ngenxa yokubhala umculo kanti ngikholwa wukuthi kuyihlengile impilo yami.’
Uhlela ukuqhubeka nokuba nomthelela ezimpilweni zabantu esebenzisa umculo wakhe futhi ebanika ithemba lokwazi ukuthi ababodwa emzabalazweni wokulwa nengcindezi. ‘Ngiyakhuleka ukuthi uNkulunkulu angiphe amandla okukwazi ukuqhubeka nokukhiqiza ngingapheli amandla. Ngingakhohlwa ukubaluleka komndeni nekhaya.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe