
Liphezulu Izinga Lokufa Kwezingane Ngenxa YeCOVID-19 eSub-Saharan Africa Uma Kuqhathaniswa Nezinye Izindawo
Click here for English version
Ucwaningo lwamazwe omhlaba luthole ukuthi izinga lokufa kwezingane ezingeniswa ezibhedlela ngenxa yeCOVID-19 eSub-Saharan Africa liphezulu kakhulu uma uqhathanisa neMelika neYurophu.
Lolu cwaningo, olushicilelwe kwiJAMA Pediatrics, lwenziwe ezibhedlela ezingama-25 eNingizimu Afrika, e-Democratic Republic of the Congo, eGhana, eKenya, eNigeria nase-Uganda phakathi kukaNdasa noZibandlela wonyaka wezi-2020.
Ekhuluma ngokuvundululwe yilolu cwaningo uSolwazi Reliloe Masekela, oyinhloko yomnyango wezoKwelashwa kweZingane neMpilo e-UKZN, nokunguyena obebhekelele lolu cwango kulesi sikhungo, uthe: ‘Kuyasikhathaza ukuthi ezibhedlela ezingama-25 eNingizimu Afrika ngenxa yeCOVID-19, phakathi kukaNdasa noZibandlela wowezi-2020, amathuba okuthi izingane ezingaphansi konyaka owodwa zibulawe yilesisifo aphindwe kahlanu uma uqhathanisa nezingane ezineminyaka ephakathi kweyi-15 ne-19.’
USolwazi Jean B Nachega, obehola lolu cwaningo, nogxile ocwaningweni ngezifo ezithathelanayo, i-microbiology ne-epidemiology esiKoleni ngezeMpilo yoMphakathi eNyuvesi yase-Pittsburgh, uthe: ‘Yize uzwaningo lwethu luqhutshwe lusanda kufika lolu bhubhane, isimo asikashintshi kangako ezinganeni zase-Afrika, uunalokho kulindelwe ukuthi sibe sibi kulandela ukubheduka komsinga i-Omicron othathelana ngokushesha. Umgomo awukakakwazi ukutholwa ngumuntu wonke, kanti amagumbi abagula kakhulu ezingane ayindlala.’
Lolu cwaningo lubandakanye izingane ezingama-469 eziphakathi kwezinyanga ezintathu kuya e-19 ubudala. Eyodwa kwezine zalezi zingane ibinezifo ephila nazo, kanti eziyi-18 kwatholwa noma kwasolwa ukuthi zine-multisystem inflammatory syndrome, okuyisifo eseyamene neCOVID-19 esenza izicubu zomzimba sishise.
Lolu cwaningo, obeludle ngabacwaningi abavela emazweni ayisithupha olwenziwe kulona, luthole ukuthi amaphesenti angama-34.6 ezingane ezangeniswa ezibhedlela kwadingeka ukuthi zingeniswe egunjini labagula kakhulu noma zifakwe i-oxygen, amaphesenti angama-21.2 alezo ezangeniswa e kwadingena ukuthi zixhunywe emshini osiza ukuphefumula. Ngesikhathi socwaningo, izingane eziyi-39 – amaphesenti angaphezulu kwesishiyagalombili – zashona. Lezi zibalo ziphezulu kakhulu uma ubeka amaphesenti angu-0.1 no 0.5 obikwe emazweni athuthukile.
‘Izinga lokugula nokufa kwezingane ezingeniswa ezibhedlela ngenxa yeCOVID-19 kwenza ziyibuke ngelinye iso indaba yokuthathwa kwalolu bhubhane njengesifo nje esingenabungozi obungako,’ kusho uNachega, ongusolwazi oyisivakashi emnyangweni wezokwelashwa nesayensi yezempilo eNyuvesi yaseStellenbosch. ‘Uma ingane iphila nesifo esithile, incane kakhulu futhi isendaweni engenabo odokotela abenele, kanjalo nezinsiza negumbi lezingane ezigula kakhulu, leyo ngane isengcupheni yokufa.’
Lolu cwaningo luvele ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokuthi kunyuswe izinga lokugoma nezinye izindlela zokwelapha, ikakhulu ezinganeni ezidingayo e-Afrika.
UNachega uveze ukuthi nakuba linyukile izinga lokutholakala komgomo e-Afrika, ayikakwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu, nokuthi ngama-5% kuphela abantu abagome ngokuphelele kulelizwekazi.
Abanye abacwaningi kulolu cwaningo ngamalungu e-African Forum for Research and Education in Health COVID-19 Research Collaboration on Children and Adolescents futhi babaliwe odabeni lwe-JAMA Pediatrics.
Lolu cwaningo beluxhaswa yi-National Institutes of Health: Fogarty International Center grant -1R25TW011217-01.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe