
Kubhekisiswa Indima Yokuhlanganyela Ekuqinisweni Kokuthuthukiswa Komnotho Wasekhaya
UDkt Stan Hardman oyi-Durban Chamber of Commerce and Industry’s Policy and Advocacy Manager, wabelane ngombono wenhlangano yakhe wokuThuthukisa uMnotho weTheku esifundweni ebesibanjelwe Esikoleni SezeBhizinisi nobuHoli.
Lesi sifundo ebesiqanjwe ngokuthi: “Indima yokuhlanganyela ekuthuthukisweni komnotho wasekhaya”, siqhakambise indima emqoka edlalwa ukuthuthukiswa komnotho wasekhaya (Local Economic Development) ekuthuthukiseni umnotho nokukhulula osomabhizinisi ukuze bakhulise umcebo wabo baphinde bakhe namathuba emisebenzi.
uHardman uhlaziye inqubomgomo nokuyimiphumela elindelwe uma kubhekwe ukwenyuswa kwezinga lokwenza ibhizinisi ngendlela esezingeni eliphezulu nelungile okuyinselelo ephoselwe abafundi abaneziqu kulo mkhakha wezoMnotho nobuHoli ukuba bahlanganise ucwaningo lwabo nombono womphakathi wezamabhizinisi wedolobha iTheku.
‘Umphakathi wosomabhizinisi unombono wokuthuthukiswa kwamabhizinisi anomfutho futhi azosebenza isikhathi eside. Isigaba sokuthuthukiswa komnotho wasekhaya siyisigaba esibalulekile enizosibheka ezifundweni zenu futhi sizovusa imibuzo yocwaningo nezinhlelo zemisebenzi ezizohambisana nokuthuthukiswa kwamakhono nezemfundo. Kumele sibheke kwezomnotho ukuthi izinguquko zenzeka kanjani,’ kusho uHardman.
Inkulumo yakhe ibuye yabheka ukwakhiwa kwamathuba okufaka izimali ukuze kutholakale inzuzo, ukuhlanganyela kwezinhlangano kwezamabhizinisi nezidingo zokuthuthikisa umnotho ukuze kunikwe abafundi isithombe esigcwele mayelana nokuxhumana kwalokho abakufunda ekilasini nokwenzeka ngaphandle.
Umfundi weziqu zeMCom obemele i-South Africa-German Chamber of Commerce and Industry KwaZulu-Natal njengomele isifunda iKwaZulu-Natal, uNksz Yvonne Iyer, uthe lesi sifundo sikhanyise izingxenye ezehlukene zokuthuthukiswa komnotho wasekhaya (LED).
‘Inkuluma kaDkt. Hardman ikhanyise isidingo sokuthi thina njengosomnotho sifundisane amakhono anhlobonhlobo okwenza ibhizinisi. Kumnandi ukubona indima edlalwa yisigungu ekuhlanganyelelni namabhizinisi nokubona ukuthi singena kuphi njengabafundi ekwelekeleleni idolobha ukuze lifeze umbono walo,’ usho kanje.
Click here for English version
- Thandiwe Jumo