
Abafundi BezeSayensi Yezamabhizinisi Bebemele i-UKZN e-Bloomberg Institute
Click here for English version
Abafundi ababili basesikoleni sezokuHlelwa kwamaBhuku, Ezimali, Ezomnotho NezeziMali banqobe umncintiswano i-Bloomberg Aptitude Test Ambassador South African Challenge.
Lo mncintiswano wenziwa emazweni angama-58 futhi ungenelwa abafundi basemanyuvesi emva kokuhlolwa okunzulu okususelwa ezihlokweni ezimayelana nezezimali ukuze kuvivinywe ukulungela kwabafundi imisebenzi emikhakheni ehlobene nezamabhizinisi.
UMnu Andile Mngadi noMnu Sashin Reddi bazolibhekisa e-Bloomberg Institute eLandani ngoMasingana.
Ukuzilungiselela lo mncintiswano uMngadi no-Reddi bathole ukuqeqeshwa eqenjini lase-Bloomberg e-London ukuze kuqinisekiswe ukuthi bazilungiselele ngokufanele lokhu kwenziwe ngokwakhiwa kweqembu ebelibasekela elakhiwe abafundi nabafundisi babo uDkt Mabutho Sibanda noNkz Ailie Charteris.
UReddi uthe lokhu kumfundise amakhono amasha azoqinisekisa ukuthi ungaphezulu kozakwabo uma esesebenza.
‘Lolu hlelo lwe-Ambassador beluyithuba elihle kithina. Besinesiqiniseko sokuthi sizothola ulwazi namakhono ngisho kungaba nomphumela onjani. Emncintiswaneni waseNingizimu Afrika futhi lamakhono azosisiza kakhulu uma sesifuna imisebenzi. Bekuyintokozo ukusebenza neqembu lomhlaba kanye nabebemele amanyuvesi omhlaba wonke’ usho kanje.
UMngadi uthe ukuphumelela lo mncintiswano emva kokubhekana nezinselelo eziningi endleleni bekuwubufakazi bokuthi ukusebenza kanzima nokuzimisela kuyakhokhela.
‘Lo msebenzi unginike ithuba lokuzikhandla nokusebenza kanzima ezingeni lasekhaya nelaphesheya. Bekuyinto ehluke kakhulu kunalokhu engikujwayele ngaphambilini ngakho kungiphoqile ukuphuma esimweni sokunethezeka ngakhulisa amakhono enginawo,’ usho kanje.
‘Ngiqale ngabhala isivivinyo sakwa-Bloomberg emva kwalokho ngathintwa yihhovisi lesikhungo i-Bloomberg e-London . Emva kochungechunge lwezinhlololwazi ngayiphothula indima yokubuthwa ngase ngihlonyuliswa ngethuba lokuba i-BAT ambassador,’ kusho uMngadi.
uThandiwe Jumo
isizulu