Usuku Lokuhlangana Nomqashi wakho kubafundi bezeMfundo
Click here for English version
Abafundi abenza unyaka wokugcina weziqu zezeMfundo nezesitifiketi sabaneziqu kwezeMfundo bahlangane nabebemele abangabaqashi bothisha abaningi eNingizimu Afrika - Iminyango kazwelonke neyezifundazwe yezeMfundo – ngenkathi kunosuku lokuhlangana nomqashi.
Kulo mcimbi obewuhlelwe yisikole sezeMfundo ekhempasini yase-Edgewood, abafundi batshelwe ngezindlela ekuqashwa ngazo othisha nezimo zokusebenza zomsebenzi wobuthisha.
Abafundi baphinde bezwa ukuthi bafanele ukubhalisa nomkhandlu kazwelonke wabafundisayo ngaphambi kokuthola ilayisensi yokufundisa.
UMnu Terence Naidoo osebenza ehhovisi eliqondisa ezokuThuthukiswa Kothisha Nezabasebenzi eMnyangweni wezeMfundo e-KZN, uchaze umsebenzi wokufundisa njengonesithunzi futhi owumsuka wemisebenzi yonke.
Abafundi bonyaka wokugcina uNksz Nobuhle Mvundla noMnu Sanele Nsele bawuthole lo mcimbi unolwazi futhi ulusizo.
‘Siyabonga ukuthi abamele uMnyango wezeMfundo bafikile bezosicobelela ngolwazi ngoba ulwazi abasinike lona belubaluleke kakhulu. Kusinike ithuba njengothisha bangomuso lokubuza imibuzo ebalulekile kakhulu futhi sithole izimpendulo ngqo.’ Kusho uMvundla.
Uzakwabo uthe othisha abasebancane abasayoqala ukusebenza badinga ukugxila ezintweni ezingasiza abafundi eminxeni yonke yezimpilo zabo. ‘Kumele sizibone njengasebenzela ushintsho. Ukufundisa kuwumsebenzi onomvuzo futhi kumele sihlale sisebenzela ukwenza umehluko ezimpilweni zabafundi.’
Ongumholi wezokuFunda NokuFundisa, uDkt Thabile Ntombela, uthe ‘Sinenhlanhla yokuba nobudlelwano obuhle neminyango yomibili okazwelonke nowesifundazwe. Usuku lube nenzuzo enkulu ngoba luqede izinkoleloze ngothisha abasebasha ( othisha abaqalayo ukuqashwa) mayelana nendlela abaqhathaniswa futhi baqashwe ngayo.’
Melissa Mungroo