Abafundi Bezifundo zezeNhlalakahle Baqale Umsebenzi Wokusiza Ngamaphasela Okudla
Ngaphansi kwesiqubulo esithi “Akekho ozoya ekilasini elambile”, inhlangano i-Social Work Students’ Association (SWSA) iqale umsebenzi wokusabalalisa amaphasela okudla kubafundi bezifundo zezeNhlalakahle abadinga ukudla nosizo lwezimali.
Ikomidi eliphezulu lamalungu ayi-12 lisebenzise imali yalo ukuqala lomsebenzi futhi iningi losizo lwemali luqhamuke kumalungu enhlangano nabafundisi belaba bafundi.
UMnu Melusi Shabalala oyinhloko yalenhlangano uthi, amalungu abone kunesidingo sokusiza emuva kokuba abafundi abantulayo balomkhakha becele usizo enhlanganweni.
Abafundi banikwe ithuba lokuzilandela ngokuyimfihlo amaphasela okudla nokunye okuyizindingo zenhlanzeko emnyangweni wezifundo zenhlalakahle njalo ngoLwesibili.
Lokhu sekwenzeke amasonto amabili futhi kusayimpumelelo enkulu kuze kube yimanje.
“Sizibona “njengabahlengi babalimele” ngoba nathi siphuma emakhaya antulayo. Yize kunjalo, njengabezenhlalakahle bakusasa, sisebenzela ukwenza umehluko ezimpilweni zabafundi nemiphakathi. Ngalolu hlelo sinethemba lokuqhubeka nokusiza abadinga usizo ngoba siyazi lapho bephuma khona,” kusho uShabalala.
Umfundisi wezezenhlalakahle uDkt Tanusha Raniga uthe umkhakha uziqhenya kakhulu ngabafundi bawo. “Le mizamo yenhlangano isenze saba nokuziqhenya okukhulu. Imisebenzi yabo iyancomeka ngoba bakwazile ukuletha usizo olubonakalayo kubafundi abadinga usizo lwezimali olukhulu.’
uShabalala uchaze inhlangano “njengomndeni osebenza ndawonye ngokuhlangana futhi njengeqembu”. Ngaphezu kwamalungu ayi-12 ekomidi eliphezulu, kunamalungu alinganiselwa kuma-500 angabafundi kusukela kwabonyaka wokuqala kuya kowesine abangamalungu ajwayelekile.
Acishe afike emakhulwini amahlanu amaphasela asezuzwe abafundi abawadingayo kuyimanje, kanti nenhlangano inethemba lokuqhubeka naloluhlelo lwamaphasela okudla uma izimali zilokhu zikhona.
Iphini lenhloko ye-SWSA uNksz Siphelelisiwe Mabaso unxenxe umphakathi waseNyuvesi ukuthi usekele lo msebenzi ngokunikela ngemali noma okudliwayo.
“Sithemba ukuthi sizokhula ngaphezu kwalokhu kusiza abafundi abantulayo kuphela kodwa lokho kuncike ekutholeni kwethu uxhaso oluqhubekayo lwezimali nokunye,”usho kanje.
Uma unesifiso sokunikela ngemali noma okudliwayo, sicela uthintane no:
Nksz Siphelelisiwe Mabaso: 212545162@stu.ukzn.ac.za
Mnu Melusi Shabalala: 212552596@stuukznac.onmicrosoft.com
Imininingwane Yasebhange:
Nedbank
Branch: 130905
Club Account: 2007269325
Reference: Food Hamper
Click here for English version
uMelissa Mungroo