
Ongoti Bacacisela Abamabhizinisi aseThekwini Ngamalungelo Abathengi
Isikole sezoMthetho sase-UKZN besinesithangami sokucobelelana ngolwazi ebesihlose ukucacisela abamabhizinisi aseThekwini ngomthetho i-Consumer Protection Act nomsebenzi we-Consumer Goods and Services Ombudsman.
Lo mhlangano ubuphethwe isifundiswa sezomthetho uSolwazi Tanya Woker futhi bewunezinkulumo ebezithulwa uAdv Neville Melville oyi-Consumer Goods and Services Ombudsman futhi owayengumfundi wase-UKZN noNksz Wendy Knowler oyintatheli kwezabathengi.
Umhlangano bewuthanyelwe abangama-35 abebemele abahwebi/nabathengisi kanti bekubhekwa izihloko ezifana nalezi ukubaluleka kokulalelwa kwezikhalo?; yini uMxazululi?; okumele ukwenze ngokubeka komthetho wokusebenza; izindlela zokwakha amaqhinga amahle okubhekana nezikhalo; ukusebenza kahle ngaphansi kwe-CPA kanye namasu okuphumelela.
UWoker uthe umhlangano bewubanjwe ngenxa yesidingo sokwazisa abathengi ngamalungelo abo nokuthi bangabikela bani uma engahlonishwa. ‘Abathengi abathenga impahla etholakala ukuthi ayikho esimweni esifanele noma banganikwa usizo olusezingeni elifanele bangabikela ihhovisi loMxazululi ngodaba lwabo uma ohwebelana nabo engaziphathi ngendlela efanele izikhalo zabo,’ usho kanje.
‘Ukuba khona koMxazululi okwazi ukubika kuye kubalulekile ngoba kuqinisekisa ukuthi abathengi banendlela yokuthola ubulungiswa ngoba isikhathi esiningi kuyabiza ukusebenzisa izinkantolo.’
UMelville ukhulume ngasebhekane nakho ekusebenzeni nge-CPA futhi wasekelwa uKnowler onikeze izethameli izeluleko mayelana nokugwema ukugagulwa ephephandabeni alibhalelayo.
Ezinye zezaluleko ezinikezwe abebehambele lo mhlangano kubandakanya ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayazamukela ngobuqotho izikhalo zize zisonjululwe. Lesi sigaba sidingidwe kakhulu futhi kubonakale sengathi izethameli zizuze lukhulu kuso,’ kusho uMelville.
Enkulumweni yakhe uKnowler uthe kuyamangaza ukuthi ingakanani imali esetshenziswa abamabhizinisi ekukhangiseni ngezimpahla nokunye kwabo kodwa uma sekuziwa ngasekubhekaneni nezikhalo zabathengi kungabi nokuziphatha ngendlela efanele.
Uthe abathengi basebenzisa kakhulu izingosi zokuxhumana okwenza kube lula ukukhalaza kubantu abaningi.
Click here for English version
-nguThandiwe Jumo