
Owayengumfundi wase-UKZN uvula uMnambithi amehlo!
Owayengumfundi wezifundo zamehlo eUKZN uNkk Ilene Somai Pillay, usiza umphakathi walapho akhulela futhi ahlala khona kuleli dolobha laseMnambithi elimaphakathi ne-Kwazulu-Natali ngokunakekelwa kwamehlo.
Ekhuluma ngesikhathi sakhe esase-UKZN, uthe: ‘ Iminyaka yami e-UKZN yaba impumelelo enkulu. Ngaphumelela ngamalengiso ezifundweni eziyi-12 kwathi kwezimbili ngathola umklomelo weDini nomunye umklomelo oyisipesheli ngenxa yomsebenzi engangiwenza emkhakheni wabantwana. Ngayithokozela kakhulu iminyaka yami ekhempasini futhi ngayisebenzisa kahle kakhulu.’
Umnikazi we-The Eye Shop, u-Pillay uqashe abasebenzi abathathu nodokotela wamehlo oyedwa. Wagqugquzeleka kulo mkhakha ngenxa yokuba nezinkinga ngamehlo akhe ngakho wayesefuna nokusiza abanye abaswele usizo. ‘ Ngiyakuthanda ukusebenza nabantu nokusiza abanye. Ngaqala ukuwuthokozela kakhulu lo mkhakha esikoleni ngesikhathi sesiqala ukubonana neziguli. Yilapho ngabona khona ukuthi ngizokuthanda ukuba udokotela wamehlo.’
Lo mshadikazi omusha wakwa-Pillay, ubonge umndeni wakhe ngempumelelo yakhe. ‘Umyeni wami uPraven ungumuntu obalulekile kakhulu kubantu engike ngahlangana nabo futhi uma kwakungayi ngokwakhe, ngabe i-The Eye Shop iyiphupho nje. Ungumkhulumeli wami, umeluleki kwezezimali nomngani wami omkhulu.
U-Pillay uyazifela ngemfashini nokuthenga, kuyimanje wenza izifundo zokuzicwala. Unesifiso sokufundela iziqu ze-Master’s kwezamehlo kanye neziqu zePhD.
Yini ahlale edolobhaneni elincane? ‘Ngihlala eMnambithi ngoba ngiyihlonipha kakhulu le ndawo kanti iyigugu kimi. Kodwa ke ayikho ke indawo efana nekhaya! Singangabi nacho konke kodwa ngiyayithanda le ndawo.’
U-Pillay uhlela ukuvula elinye igatsha le-The Eye Shop elizobhekana nalabo abangakwazi ukukhokhela izindleko zosizo ngamehlo abo. Yinto esisayihlela ezosiza labo abadinga izibuko kodwa abangenayo imali.’
Click here for English version
- u-MaryAnn Francis