
ISikole Sasebusika SobuNjiniyela sibe Yimpumelelo
ISikole SobuNjiniyela besibambe iSikole sasebusika SobuNjiniyela saminyaka yonke kusukela ngomhla ziyi-7- 11 kuNtulikazi. Isikole besihanjelwe abafundi abangama-98 abavela kuzo zonke izifunda bonke bebese-Unite Building ekhempasini i-Howard College.
Inhloso yesikole ukucacisela abafundi bamabanga aphansi ngemikhakha eyahlukene kwezobunjiniyela nemisebenzi abangayenza uma bekhetha umkhakha othize. Abafundi banikezwe ithuba lokuvakashela umkhakha ngamunye lapho bebebamba iqhaza emisebenzini yakhona futhi baphinde bathulelwe izinkulumo ezinomdlandla abasebenzi nabafundi asebeneziqu zasenyuvesi. Izikhulumi zangaphandle ezivela kwa Unilever, eThekwini Municipality, TIA nakwa-Eskom ziphinde zabacacisela abafundi ngamathuba akhona uma sebethole iziqu zabo futhi sebelungiselela ukungena emsebenzini
Abafundi bathole ithuba lokuvakashela isikhungo samasosha AseNingizimu Afrika Asolwandle lapho bekhonjiswe isikhungo baphinde bathatha uhambo ngesikebhe ukuze babone obekwenziwa amasosha emanzini. Ngaphezu kwalokhu, abafundi bavakashele kwa-Beacon okuyifemu ekhiqiza ushokoledi ukuyobona ukuthi imishini yakhona isetshenziswa kanjani. Kodwa okubajabulise kakhulu kube umvuzo wokuzitika ngoshokoledi ngendlela abayithandayo!
Sekuphethwa uhambo losuku, abafunda bakuthakasele kakhulu ukubona ubuhle beTheku begibele imoto ehamba phezulu yasenkundleni i-Moses Mabhida. Banikezwe inkulumo ngokwakhiwa kwenkundla baphinde bakhonjiswa nezindawo zokushintshela abadlali nezindawo zokuhlala izicukuthwane. Isonto liphele ngombukiso omnandi womlingo kaDr Megan Govender ochaze abafundi ngamaqhinga akhe akwenza uqonde imithetho elula yesifundo iFiziksi.
Umbhali, umthwebuli nongaxhumana naye: uPrashina Kallideen, budreep@ukzn.ac.za, x8077
Click here for English version