
IGSB&L ibinesidlo sasekuseni sokuqalwa kohlelo lwempelasonto yokuqala elobizwa nge- Startup Weekend
Amalungu omkhakha wezamabhizinisi athembise ukwesekela nokuzibophezela kwiSikole SezeZiqu ZamaBhizinisi NobuHoli emcimbini obizwa ngempelasonto yokuqala eThekwini lapho bekudliwa isidlo sasekuseni nababambe iqhaza.
Le mpelasonto ibanjelwa eSikoleni mhla zi-3 kuya ziyi-5 kuMfumfu.
Ngokwempumelelo yomcimbi wanyakenye owenza i-KwaZulu-Natali yaba undabuzekwayo ngokuba Startup Weekend enkulu e-Afrika, Isonto Lokuqala liwuhlelo lokuqeqesha osomabhizinisi abasakhula ngokubafundisa ukuguqula umcabango ube yibhizinisi eliyimpumelelo.
Ngokubamba lomcimbi wokuxhumana nomphakathi, i-GSB & L ithemba ukuthi izogqugquzela isiko lokuqala amabhizinisi okubalulekile ukuze kube nokuthuthuka nokuzinza komnotho Kwazulu-Natali.
Enkulumweni yakhe, iDini eyiNhloko yeSikole , uSolwazi Stephen Migiro ukugcwalisile ukuzibophezela kweSikole kwezamaBhizinisi, ukuxhumana okuhle nomphakathi nokuba nezinhlelo zeziqu eziphakeme zohlobo oluphambili sibe sinxenxa umphakathi wosomabhizinisi ukuthi uqhubeke nokweseka iSikole emizamweni yaso.
Iphini likaSekelashansela Ubungcweti, Ezomnotho nokuThuthukiswa koMnotho wabasaFufusa
uSolwazi Deresh Ramjugernath ukugcizelele ukubaluleka kokubambisana okungunxantathu phakathi komkhandludolobha, osomabhizinisi nabezemfundo. Lokhu kubalulekile ekwakhiweni kwesizukulwane esisha sosomabhizinisi abazolwisana nezinkinga zezomnotho nezenhlalo ezibhekene nezwe lonke,’kusho uRamjugernath.
Ubuye wagcizelela i-UKZN yenza kahle kakhulu ekufundeni nokufundisa nasocwaningweni.
‘Kubalulekile ukuthi iNyuvesi igqugquzele ukucabanga njengosomabhizinisi kubafundi bayo ngoba kungukhiye ekudalweni kwamathuba emisebenzi.’
‘Senza kahle kakhulu ngasohlangothini lokucwaninga kodwa siding ukulwenza lube nosizo emiphakathini esihlala kuyo. Kunokuningi ngakwezamabhizinisi okungakhuphula izinga labathola iziqu ingakho sisemkhankasweni wokwakha ubungcweti kwezamabhizinisi njengesisombululo sezinkinga zezwe ngakwezenhlalo, kushoRamjugernath.
Umhleli omkhulu wale Startup Weekend uSolwazi Shahida Cassim wethule inkulumo ngombono nokuma kwaloluhlelo. Ugcizelele impumelelo yomcimbi wanyakenye oveze okungenziwa osomabhizinisi basesifundazweni abasakhula. Lo mcimbi oyimpumelelo wenziwe ngoxhaso oluvela emphakathini.
Ekhulumela uMasipala weTheku, uKhansela Logie Naidoo uyishayele ihlombe imizamo ye-GSB&L ‘yokugqugquzela ezamabhizinisi esifundazweni okuzokhiqiza ongoti kwezamabhizinisi’
I Startup Weekend iwuhlelo olusemazweni angama-100 emhlabeni wonke. Umcimbi osemthethweni uzoqala ngokwethulwa kwezinkulumo zokunxenxa ngoLwesihlanu lapho ababambe iqhaza bezoza nemicabango yabo banxenxe abanye ukuba bajoyine iqembu. NgoMgqibelo nangeSonto amaqembu azogxila ekuthuthukisweni kwamakhasimende, imifuziselo, ukuqinisa imicabango, ukuzijwayeza izinhlelo zokwenza izinto zalolu hlelo. Nokwakha imikhiqizo edingekayo. NgeSonto amaqembu azokwethula imifuziselo yawo athole nemibiko ebuya kwithimba longoti babahluleli.
Osomabhizinisi bazothola nethuba lokuxhumana nabanye osomabhizinisi abanempumelelo nongcweti kwezokuqalwa kwamabhizinisi abazobafundisa kanye nabahluleli ababuya ezindaweni ezihlukene. Kwethenjwa ukuthi lokhu kuzogqugquzela ababambe iqhaza ukuba bakhulise imicabango yabo besebenzisa ulwazi olunzulu abaluzuze lapha ngokuxoxisana nongoti bemikhakha ehlukene.
Uma udinga eminye imininingwane nge Startup Weekend bavakashela : durban.startupweekend.org
Click here for English version
Amagama nezithombe ngu Thandiwe Jumo