
Inhlangano ebizwa nge-Friends of UKZN Agriculture ibinomcimbi wokwakha ubudlelwano nokuxhumana
I-Friends of UKZN Agriculture, okuyinhlangano ezinze eSikoleni SezeSayensi YezoLimo, YezoMhlaba NeyezeMvelo, ibambe umcimbi wayo waminyaka yonke wokuhxumana e-Royal Show eMgungundlovu.
Lo mcimbi uhambisane nosuku lokuqala lombukiso futhi bewuhanjelwe yizimenywa ezilinganiselwa kuma-90 eziyingxenye ye-Friends of UKZN Agriculture Association. Lo mcimbi unikeza ithuba kubasebenzi beNyuvesi , ababengabafundi baseNyuvesi, nabamele i-Agribusiness ithuba lokuxhumana nokuvuselela ubudlelwano lapho kusetshenziswana ngokubambisana khona.
Isikhulumi sosuku bekunguMnu Justin Chadwick oyi-CEO ye-Citrus Growers’Association U-Chadwick wayengumfundi walapha eNyuvesi lapho ayethole khona iziqu zeSayensi YezoLimo NezoMnotho eNyuvesi YaseNatali ngezikhathi zeminyaka yawo-1980.
Ukuzinikezela kwakhe esikhungweni ayefunda kusona nokuba nesifiso sokusibona siphumelela kubonakale enkulumweni yakhe ebigxile ekugqugquzeleni abasebenzi baseNyuvesi ukuba basebenzele ukwakha ubudlelwano nezimboni ukuze kwenziwe ucwaningo futhi beyibuye igqugquzele nabanye ababefunda kule Nyuvesi ukuba baqhubeke nokuzinikela ekugcineni igama lesikhungo liphezulu.
Izimenywa ebezihambele lo mcimbi zimbandakanya izinhlobonhlobo zemikhakha kusukela kubalimi kuya kwabamabhange abalimi nabakhiqiza imikhiqizo yobisi.
I-Friends of UKZN Agriculture seyisebenze kakhulu ekuqaleni nokugcina ubudlelwano phakathi kweSikole SezeSayensi YezoLimo, YezoMhlaba NeyezeMvelo e-UKZN nababengabafundi bakhona nabangosomabhizinisi emkhakheni wezolimo kusukela ngokuqalwa kwayo ngezi-2012.
Click here for English version
- Ngu-Christine Cue’nod