
Umhlangano ngoKwehlukana, ubuHlanga kanye noBulili kumnyango weHuman Resources Management
UMkhakha wezokuPhathwa Kwabantu eSikoleni sezokuPhatha, uBuchwepheshe nokuBusa usanda kwethulela abafundi abenza iziqu ze-honours umhlangano wokucobelelana ngolwazi lokudlala izigubhu nokwahlukana.
Umhlangano obuxhaswe ngemali eyiSibonelelo saseNyuvesi sokuFunda nokuFundisa wawuhlelwe umfundisi, uDkt Shaun Ruggunan kanye noMholi woMkhakha kwezeMfundo uSolwazi Sanjana Brijball Parumasur.
Indlela yokufundisa entsha elethwa abaqeqeshi ngokwehluka, i-Vision in Motion . Inhloso ukuqwashisa abafundi ngezinto eziphathelene nokwahlukana, ubuhlanga, ubulili nokuphathelene nobulili abazobhekana nakho ezindaweni zokusebenza. Ngokwenza njalo, umhlangano ugudluza ukufunda ekilasini kanye nasencwadini ukuthi kuxhumane nokufunda okwenzekayo ngokwahlukana okusezindaweni sokusebenza.
Ngokusebenzisa ukufunda ngezigubhu nokulingisa okwenza indawo ibe nokuxhumana okuvulekile nokunokwethembeka; abafundi bahlola izimo ezahlukene ngaphansi kwendikimba yokwahlukana. Abafundi balingisa beveza izingqinamba zobuhlanga, imvelaphi kanye namandla obulili ababhekana nakho ngesikhathi benza izifundo zabo e-UKZN futhi babuye baqhamuke nezisombululo ezibonakalayo zokuxazulula lezi zingqinamba.
Obephethe umhlangano futhi oneziqu ze-honours uMnu. Panache Govender uthe; Imisebenzi ibinezindikimba nezihloko ezivumela abafundi ukuthi baxhumane nabanye ngendlela abangenzi ngayo ekilasini kanye nokucobelelana ngokwenzakalayo ukuthi bazizwa kanjani uma behlangabezana nalezi zinkinga. Imihlangano enjengalena ibalulekile ngoba abafundi sebesemaphethelweni ezifundo zabo futhi bazobhekana nazo lezi zinkinga ezindaweni zokusebenzela ngakho- ke kubalulekile bazazi izindlela ezifanele zokubhekana nazo’.
UNkz Felicia Kuppan ongumfundi uthe umhlangano ubuyithuba elihle lokufunda ngokwahlukana, ukwakha amakhono okusebenzisana nokuqonda nokwamukela imithelela yokwahlukana ezimpilweni zethu.
Uthe’bekuyindawo lapho kade sikhululeke khona kunokujabula nomdlandla.Sifunde ukushaya izigubhu zaseCongo nokuxhumanisa indlela esizishaya ngayo njengendlela yokuxhumana,senze umsebenzi wamaqoqo saphinde sakhombisa izinkinga esihlangabezane nazo kanye nezixazululo zokwahlukana ngokulingisa futhi sanikezwa izinto zokulingisa saphinde sagqoka. Bekuyithuba lokufunda nokuzijabulisa singekho emagunjini okufunda. ngingathanda ukuthamela amanye amaseshini esikhathini esizayo.’
Omunye wabafundi uNkz Nashira Durgadin, uchaze umhlangano njengethuba lekilasi labo ukuba lixhumane nokuthi bahlanganise amasiko abo ahlukene futhi basebenze njengeqembu. Umhlangano awuvezanga ubuhle bokwahlukana kuphela kodwa ukwazile ukuthi sikwazi ukuthola abangani abasha.
Umhlangano ubukwa njengengxenye yohlelo olubanzi ukuze kwengezwe izingabunjalo namacebo amasha ohlelweni lokufunda lwezokuPhathwa Kwabantu e-UKZN.
- Thandiwe Jumo