
Isifundiswa sase-UKZN sigcizelele ukubaluleka kokunakekelwa komlomo ngenkathi sethula inkulumo e-Barbados
Umlando wezempilo kusukela ngesikhathi sobandlululo kuya kwesentando yeningi bekuyisihloko senkulumo ka-Dkt Shenuka Singh oyilungu loMkhakha wezokuNakekelwa kwamaZinyo eUKZN ngenkathi ekhuluma engqungqutheleni i-Caribbean Dental Convention e-Barbados, le ngqungquthela ihlanganisa abasebenza emkhakheni wezokunakekelwa kwamazinyo abavela emazweni ahlukene omhlaba.
uSingh ubuye wethula inkulumo kumbutho wezokuVikela e-Barbados nomphakathi, wabuye waba nomhlangano noNgqongqoshe wezeMpilo e-Barbados.
Inkulumo yakhe ibicacisa ngomlando wezempilo kusukela ngesikhathi sobandlululo kuya kwesentando yeningi iphinde ihlaziye ukuthi izinguquko zilulethe kanjani ushintsho eNingizimu Afrika.
‘Umthwalo womlando wezifo zomlomo wenza kubaluleke ukucacisa ngezimo zenhlalo nezomnotho nokuthi zinamuphi umthelela ekuhlinzekweni kwezempilo kulesikhathi samanje,’ kusho uSingh. ‘Iningi labasebenzei bezempilo litholakala ezimbonini zangasese lapho abasebenzi abangama 80% benakekela isibalo sabantu abangama 20%.’
Uthe ukuguquka kwezindlela zezifo, ukwethembela kakhulu kwezempilo ezihlinzekwa uhulumeni nokuntuleka kolwazi mayelana nokunakekelwa komlomo kushiye izifundazwe zaseNingizimu Afrika zishiyana ngosekwenziwe kulo mkhakha. ‘ Ulwazi olukhona ngenkinga yezifo zomlomo alugculisi. Ukuhlelwa kwezinqubomgomo akususelwa enkingeni yezifo futhi konke okwenziwayo ukungenelela ngokwezempilo kwenziwa kube kungaziwa ukuthi hlobo luni lwezinkinga ekuhlangabezwana nazo.’
‘Konke lokhu kumele kubhekisiswe kabanzi ukuze kubonakale ukuthi siziphatha kanjani ezokunakekelwa kwempilo yomlomo. Esikhundleni sokungenelela ngezisombululo ezihlakazekile, sigqugquzela indlela yokusebenza ehlangene ekuhlinzekweni kwezempilo yomlomo. Abasebenzi abaningi bezempilo bayakuhlukanisa ukunakekelwa komlomo kwezempilo jikelele esikhundleni sokuthi bakubheke njengento eyodwa.’
uSingh uthe izifo zomlomo eNingizimu Afrika ziyafana nakwamanye amazwe futhi izindlela zokuphila zinomthelela omkhulu esimweni sempilo yomlomo womuntu. ‘ Wonke amazwe abhekene nezinselelo ezimayelana nokuziphatha ekunakekelweni komlomo. Uphuzo oludakayo, ukubhema nokudla kuxhumene nezinkinga zenhliziyo, ushukela nezinga eliphezulu lomfutho wegazi okubuye kube nomthelela empilweni yomlomo womuntu.’
Enye yezinto uSingh ayigqugquzele eBarbados bekuwudaba lokunakekelwa komlomo nezindlela zokuzinakekelela umlomo. ‘Abasebenzi bezempilo kumele bagqugquzele okwaziwa “ngobuciko bokuzixilonga”. Uma umntu evuka nje ekuseni eyozibuka esibukweni, kumele azibheke amazinyo nezinsini. Kumele sibheke umbala nesimo samazinyo, ulimi, ulwanga nezinsini njalo ukuze sibone uma kukhona okungahambi kahle. Ngale ndlela sizokwazi ukubona izinguquko emlonyenibese siyofuna usizo olufanele.’
* uSingh unguMphathi woMkhakha WezokuNakekelwa kwamaZinyo eSikoleni seziFundo zezeMpilo futhi ungusihlalo weKomidi Lezemibandela yoCwaningo kwezeSintu Nezezifundo Ngenhlalo Yomphakathi e-UKZN.
Click here for English version
- u-Zakia Jeewa