Isikole seziFundo ngokuPhilayo Sibungaze Ihora Lomhlaba wezi 2014
Isikole seziFundo ngokuPhilayo e-UKZN sibambe imibungazo enhlobonhlobo ekhempasini yase-Westville okubalwa kuyo usuku lokugqoka ngokukhethekile, ukudwetshwa kwamaphepha ayizazisi, inkulumo eyethulwa yisimenywa kuphendulwa isicelo esenziwe yi-World Wildlife Fund (WWF) kubantu baseNingizimu Afrika sokwethembisa umhlaba njengendlela yokukhombisa ukuzibophezela ekwakheni ikusasa elisimemeyo.
Obekwenziwa bekuhlelwe abafundi nabasebenzi beSikole seziFundo ngokuPhilayo beholwa uMnz Aluwani Nemukula ofundisa kulesi sikole,nomele abafundi uMnu Divesh Sookdeo.
Inhloso yohlelo ukuqwashisa, ikakhulukazi abasebenzi nabafundi bakulesi Sikole seziFundo ngokuPhilayo, ngomthelela wokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni.
Ungoti we-Evolutionary Ecology uDkt Corrie Schoeman ongumfundisi omkhulu, obemenywe njengesikhulumi sosuku, wethule inkulumo ejabulisayo ngemiphumela "yokungcolisa ezindaweni ezisemadolobheni".
Umfundi obhalisele iziqu zeBsc Honours uNkz Carolina-Mari Barausse uthe: 'Siyithokozele kakhulu inkulumo efundisa ngemiphumela yokungcolisa nezinye izinkinga zempilonhlalo (anthropogenic) ezikhungethe umhlaba wethu.’
Uhlelo lokugqoka ngokukhethekile lusebenzise imibala eluhlaza okwesibhakabhaka noluhlaza okotshani kwababegqokile bekhombisa ukuseka kwabo lolu Suku loMhlaba. ‘Bekujabulisa ukubona ukuthi abafundi bagqugquzeleka kanjani uma kunohlelo lokugqoka ngokukhethekile,’ kusho uSookdeo. Obegqoke kahle ukubadlula bonke abesilisa kube u-Michael Staegemann kanti owesimame kube u-Nkz Bryaleen Lee Naidoo.
Amaphepha ayizazisi ohlobo lwe-A3 abedwetshwe abafundi ukugubha lolu suku abekhombisa izindlela ezilula kodwa ezinobuchule zokusebenzisa ugesi.
‘Njengoba sigubha lolu suku eSikoleni SeziFundo zokuPhilayo, ngikhumbule amazwi ka-Margaret Mead athi "Ungalokothi ungabaze ukuthi iqeqebana lezakhamizi elizibophezele ukuthi lingawuguqula umhlaba",’ kusho uNkz Philisiwe Mhlanga obhalisele izifundo ze-MSc.
Lokhu kungikhumbuze ukuthi sonke sinayo indlela yokubamba iqhaza, ngisho nangezindlela ezincane, ekuguquleni nokwenza ngcono umhlaba. Amaqhinga nezindlela zokonga noma zokusebenzisa amandla ngokunakekela abemancane kodwa asivule amehlo esikhumbuza ukuthi singalibamba kanjani iqhaza ekulondolozeni umhlaba wethu.’
Emva kohlelo losuku, abafundi bazitike ngezoso esakhiweni sakwa-Biology.
Click here for English version
- Leena Rajpal