
I-UKZN Yamukela abafundi bonyaka wokuqala bezifundo zobuhlengikazi
I-UKZN yamukele abafundi abangama-68 bonyaka wokuqala ngesikhathi sesonto lokwamukela nokujwayeza (Orientation Week).
Abafundisi bezifundo zobuhlengikazi uNksz Nozipho Mthembu noNksz Jane Kerr, bathe leli sonto lizosiza abafundi ukuthi baqonde uhlaka lolwazi oluthintene nezidingo zokuzinakekela (self-care) nokuhlola izidingo zeziguli, ukuhlela ukungenelela ngokuhlenga nokuhlola imiphumela yokwenziwe.
Obekuhloswe ngaleli sonto bekuwukucija abafundi ngezindlela eziyisisekelo sokuhlenga, nokuzihlanganisa nobuhlengikazi ezingeni lomuntu uqobo nasemsebenzini kanye nokwenza umlando nokuhlola ngokubuza (interview) umuntu wanoma iliphi izinga lobudala.
Abafundi banikwa ithuba lokuzethula babuye banike izizathu zokukhetha lo mkhakha.
UMnu Percival Mthembu, owaphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni ekolishi iSt Francis, uthe wayefisa ukufundela ezomthetho kodwa waguquka esefunda ibanga le-11 emva kokuvakashela esibhedlela. ‘Kwakunabahlengikazi abambalwa futhi behluleka ukumelana nesidingo. Nganquma khona lapho ukuthi ngizoba umhlengikazi ukuze ngikwazi ukusiza abanye.’
UMnu Robert Mugisha ongowokuzalwa e-Uganda ophuma emndenini onodokotela nabahlengikazi, waba nothando lokuba umhlengikazi esasemncane. Wayejwayele ukuhamba nonina ukuya emsebenzini.
UNksz Slindile Makhwaza, owaphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni e-Udumo High School, wakhula enakekela umfowabo okhubazekile. ‘Ngathwala kanzima ekuqaleni kodwa emuva kokushona kukamama ngakuthokozela kakhulu ukumnakekela, usho enezezela nangokuthi lokhu kwamenza wazibona ukuthi unothando olungakanani lobuhlengikazi.
Ukungaphathwa kahle abahlengikazi esibhedlela kwenza uNksz Phindile Mhlanga athathe isinqumo sokuba umhlengikazi. ‘Ngifuna ukulungisa konke engakubona nengadlula kukho ngenkathi ubaba elaliswe esibhedlela ngonyaka wezi-2012. Engikufunayo ukunikeza abantu ithemba nentokozo,’ usho kanje.
Yize bebenezizathu ezihlukene zokukhetha lomsebenzi wokuhlenga, bonke bebebukeka benothando olufanayo lokuqala izifundo zabo.
Click here for English version
- Nombuso Dlamini