
U-Estelle Kokot e-UKZN Centre for Jazz and Popular Music
Umculi ozinze e-United Kingdom ongumculi, umbhalizingoma, umdlali wopiyano u-Estelle Kokot ubecula izingoma ezikwi alibhamu yakhe eyaziwa ngele –The Sound of You Songbook e-Centre for Jazz and Popular Music.
uKokot – wazalelwa e-UK wakhulela e-Zimbabwe naseNingizimu Afrika lapho aqala khona ngokudlala neqembu le-jazz laseNingizimu Afrika elaziwa ngePhambili elaliholwa umdlalisiginci nomqambizingoma uVictor Ntoni nomshayicilongo u-Duke Makazi.
i-Sound of You Songbook iwumsebenzi wokubambisana kwababhalizingoma nophrojusa o-Chicco Freeman noJan Pulsford.
u-Pulsford usebhale, waphrojusa waphinde wadlala nabaculi abafana no-Thompson Twins, Cyndi Lauper, noDarlene Love.
uKokot wavele wathatheka yizingoma ezibhalwe ngokuhlanganyela nombhali omdala u-Freeman naye ongumculi, umqambizingoma nophrojusa.
uKokot udlala i-The sound of You Book nomshayisiginci , uHerbie Tsoaeli nomshayimadramu, uKevin Gibson. Bobathathu bazoqopha le alibhamu ngele-Songbook kuyo le nyanga.
Click here for English version
- U-Melissa Mungroo noThuli Zama