
Umtholampilo waseUKZN weBhayokhayithikisi ungundabamlonyeni kwabadala
Umtholampilo weSikole Sezifundo ZezeMpilo weBhayokhayinethikisi uwundabamlonyeni kubantu asebegugile.
Lo mtholampilo oneminyaka eyi 15 oyingxenye Yomkhakha weSayensi yezeBhayokhayinethikisi, Ezokuzivocavoca neZokuphumula ungumtholampilo ogxile emphakathini obheka impilo nokuphatheka kahle kwabantu abanezifo eziyisimbelambela.
Lo mtholampilo ovakashelwa omkhulu nogogo abanezifo eziphathelene nenhliziyo noma eziyisimbelambela, uvulwa njalo ngoMsombuluko nangoLwesithathu kusukela ngehora lesi 8h00 kuze kushaye ihora le10h00. Abasebenza lapha bambandakanya nabafundi beminyaka yesine nesihlanu ezifundweni zeBhayokhayinethikisi abaphethwe uNksz Beverly Peters ongumfundisi nomelaphi obhaliswe ngokugcwele.
Lolu hlelo lunamalungu angama 20 abhalisiwe kodwa izinombolo zenyukile phakathi nonyaka. ‘Sesibe namalungu angama 30 eminyakeni edlulile,’ usho egcwalisa.
UPeters uthe umtholampilo unikeza umphakathi ukuzivocavoca okuqashiwe okuhlanganise nokuqashwa kwesilinganisozinga lokushaya kwenhliziyo nomfutho wegazi.
‘Inhloso ukukhuphula izinga lempilo nokuphatha izimo zezifo zabongokuzivocavoca,’kusho uPeters.
Lolu hlelo luyinzuzo kubo bonke abathintekayo ngoba abafundi bathola ukuqeqesheka abakudingayo kanti nomphakathi uthola ukusebenzisa umtholampilo oletha usizo olusezingeni eliphezulu nokusebenzisa izinsiza zokujima ezitholakala khona. ‘Okuyinzuzo kakhulu ezigulini zethu ukuthi inani lemali elikhokhwayo yincane kakhulungoba kuwuhlelo lomphakathi,’ kugcwalisa uPeters.
UNksz Susela Naidoo (72) wajoyina lolu hlelo eminyakeni eyi 10 edlule futhi usho lokhu ngalendawo : ‘Lo mtholampilo uwusizo olokhulu. Nginesifo samathambo kodwa ngithole ukuthi ukunakekelwa engikuthola kubafundi balapha kungenza ngizizwe ngikhethekile.’
Uthe umtholampilo usebenza njengendawo yokuhlanganela yomphakathi : ‘Sonke sesakhe ubudlelwane ngenxa yeminyaka yethu yobudala nezinkinga zethu zezempilo.’
UMnz Collins Ross (83) uthi amaholidi nokuhlolwa kwabafundi kuyayiphazamisa inqubo yabo yomtholampilo abayithanda kakhulu. ‘Ngifisa sengathi besingabuyela ezinsukwini zakudala lapho amaholidi ayemafishane,’ usho emamatheka.
URoss usewuhambe lo mtholampilo iminyaka eyi 11. Wathunyelwa udokotela wakhe emva kokuhlinzwa enhliziyweni.
‘Umtholampilo ungigcina ngisemandleni. Ngamaholidi sizivocavoca emakhaya kodwa kungcono uma silapha emtholampilo’.
Click here for English version
- Nombuso Dlamini