,Abafundi Baseukzn Bathole Ukufunda Enyuvesi Yasemichigan
Abafundi ababili baseSikoleni seziFundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo Nentuthuko, uNksz Amanda Mthembu no Mnz Simon Halvey, sebebuyile ohambeni olube yinyanga yonke lapho bebeyoqeqeshwa ngezindlela zokucwaninga emkhakheni we-survey.
Izimali zalolu hambo zitholakale ngemizamo kaSolwazi Dori Posel, ongusihlalo weSARChi ohlangothini lweZokuthuthukiswa Kwezomnotho.
uMthembu ofundela iziqu zeMasters kwiPopulation Studies, uthe lolu hambo lube yimvulamehlo. ‘Angikaze ngifunde izinto eziningi ngalendlela ngesikhathi esifishane kangaka, ngithole nokuhlangana nababhali bezincwadi engizifundile.’
Umfundi owenza ofundela iziqu zeMasters kweZezifundo Zobuningi babantu uHalvey uyavuma, uthi ubukhulu benyuvesi nezinsizakusebenza zakhona zisezingeni eliphezulu kakhulu. ‘Izinga lokufundisa liyamangaza. Izifundo bezijulile futhi sifunde lukhulu.’
Bekuyibo kuphela abafundi kulezi zifundo kanti abanye abafundi bekungabantu abasebenzayo abavela emazweni ahlukene.
Bathi abakufundile kuzobasiza kakhulu ocwaningweni lwabo nasemisebenzini yangomuso.
Abafundi babonge kakhulu kuPosel ngokubahlelela izimali zohambo njengosihlalo weSARChI ohlangothini lweEconomic Development.’ Siswele amazwi okubonga ngoba lokhu kuyithuba eliyimvela kancane empilweni.’
Bobabili bebethathekile izinsizakusebenza ezahlukene zeNyuvesi, uHalvey ubethathwe kakhulu yinkundla yomdlalo weFootball okungenye yezinkulukazi eMelika, kanti uMthembu uchazwe wukuthi umtapo wolwazi wakhona uvulwa amahora angama24 ngoba kuphephile futhi kunetekisi lamahhala ongaligibela uma usugoduka uma sekuhlwe kakhulu.



