Isikole sezoMthetho e-UKZN Sibonga Abameli Bamanje Nabakudala Basekliniki Yezomthetho
Isikole SezoMthetho sihloniphe iqhaza elibalulekile elibanjwe abameli abasathwasa ekuqinisekiseni ukuthi Ikliniki YezoMthetho yase-UKZN ihlinzeka imiphakathi entulayo ngosizo lwezomthetho.
Isikole SezoMthetho sibe nomcimbi obuhlelwe yiDini EyiNhloko Yesikole uSolwazi Managay Reddi, lapho kuhlomuliswe abameli abasebenze noma abasasebenza ekliniki kusukela ngo 2008 kuze kube yimanje ngezitifiketi zokubabonga.
Ikliniki YezoMthetho inika ithuba kubameli abasathwasa lokuthuthukisa ikhono labo lezomthetho ngokubafaka ngqo emacaleni anhlobonhlobo besebenzisana nabameli abadala kulomkhakha.
La macala ahlanganisa amacala edivosi,ukukhishwa ezindaweni zokuhlala ngokungemthetho, izinkontileka nezamafa lapho belekelela izakhamuzi zaseThekwini ezingenawo amandla okuthola usizo lwezomthetho. Lokhu kwenziwa ngokunikeza izeluleko kwezomthetho, ukumelwa emacaleni kanye nokwazisa umphakathi ngamalungelo awo ngokubamba imihlangano yokucobelelana ngolwazi nezinye izindlela zokuwuqwashisa.
Ummeli oyiNhloko waseKliniki, u-Eben van der Merwe uthe: ‘Bonke abameli abasathwasa bakudala kusukela ngonyaka wezi-2008 bangabameli abagcwele noma abameli basemajajini manje.’
Click here for English version
- Thandiwe Jumo