
Ukukhangisa ngemisebenzi emikhakheni yakwaHumanities
Ngenhloso yokukhangisa ngamathuba emisebenzi emukhakheni wakwaHumanities, iKolishi lakwaHumanities e-UKZN libambe usuku lokukhangisa ezikhungweni zaseHoward naseMgungundlovu.
Abafundi bathole ithuba lokuxhumana nezinkampani ezahlukene ebezizokhangisa ngalolusuku. iziKole ezingaphansi kwaleliKolishi nazo bezinikwezwe ithuba lokukhangisa.
‘Lokukhangisa ngokuhlanganyela nezikole kusize ukuvala isikhala phakathi kwezemfundo kanye nemisebenzi, njengoba abafundi bakwazile ukuqhathanisa izifundo kanye nemisebenzi,’ kusho uNksz Angeline Stephens oyiStudent Support Services Manager eKolishini.
Lomcimbi uhambe kahle kakhulu nabafundi bebephume ngobuningi babo.
Click here for English version
- Melissa Mungroo