
Umzimba ophilile = Umqondo ophilile
Ngenhloso yokubungaza inyanga yabantu besifazane nokukhuthaza abasebenzi ukuba bajoyine imidlalo, kubanjwe usuku lwemidlalo esikhungweni sase-Edgewood ebibanjelwe enkundleni yemidlalo yaso lesikhungo.
Ihlanganiswe umnyango weSports Administration esikhungweni. Abasebanzi bathole ithuba lokungenela imidlalo ehlukene okubalwa kuyo ingqathu, ukugijima, ivolleyball, umjaho wamaqanda, umdlalo wokudonsisana itug-of-war kanye neNetball.
Lemidlalo yaqala ngo2011 nguMnu Zwelithethindaba Sapula oyiSenior Sport Officer owabona ukuthi abasebenzi abanaso isikhathi sokuzivocavoca.
Kulonyanka lemidlalo ebanjwa minyaka yonke iqale kahle kakhulu ngoxhaso okubalwa kulo oluvela kuMphathi WesiKole sezeMfundo e-UKZN, uSolwazi Gregory Kamwendo, oyiManager kwezeMpilo neMidlalo, uMnu Mark Bashe, oyiManager yeSupport Staff, uMnu E Mbongwe kanye neJVS Agencies.
Click here for English version
- Raylene Captain-Hasthibeer