
Ophethe isigaba seLeisure neTourism eBDO wayengumfundi weAccounting
Ukuthuthukisa ezokungcebeleka nezokuvakasha enkampanini yesihlanu ezinkulu emhlabeni ezigcina-mabhuku kuyingxenye yomsebenzi wakhe kowayengumfundi eUKZN uNksz Sally Juckes.
Lomgcini-mabhuku, oqokwe njengoMpathi weBDO kusigaba seLeisure neTourism ngoNtulikazi, usesebenze kakhulu ekuhloleni amabhuku njengoba eseke wasebenzela iSoy Hayward yeBDO eUnited Kingdom, ibhange iBarclays Capital Investment esebenza njengeLead Audit Partner ezinkampanini ezingaphansi kweJSE, ezokungcebeleka nezokuvakasha, ezokukhiqiza kanye neTelecoms eBDO eNingizimu Afrika Inc (eThekwini).
UJuckes uthe ukufunda ukuba iCharted Accountant (CA) bekunzima kodwa imiphumela ikwenze konke kwaba inzuzo.
‘Ngiqale ukufunda iAccounting ebangeni lesikhombisa (Grade 9) esikoleni iWestville Girls’ High lapho ngathola ukuthi ngihamba phambili kulesisifundo futhi ngiyasithanda. Kwaba isinqumo esilula ukufunda kulomkhakha eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
‘Ukuyenza njalo into kuyasiza, ilokho engikutshela engibaqeqeshayo eBDO abasafunda izifundo zabo zeCA. Uma ukufuna ngempela, uzokwenza noma yini ukuze uphumelele ufeze namaphupho akho okuba iCA. Ukubekezela nokusebenza kanzima ikona okukuyisa empumelelweni,’ kusho uJuckes.
Usebenzisana nekomiti lezokungcebeleka nezokuvakasha elisungulwe phesheya ukuba likhulise lomkhakha kube sezingeni lomhlaba nalo nokwandisa ukuxhumana emhlabeni wonke. Lokhu kusebenza njalo kusho ukuhlela isikhathi sakho phakathi komsebenzi nomndeni.
‘Nginabantwana ababili, oneminyaka emine nonezinyanga eziyishumi nesishiyagalombili futhi kunzima ukuzama ukuthola isikhathi somndeni nomsebenzi kodwa kufanele ukwenze. Sengikubonile ukuthi abantu besifazane bangasebenza babuye babe nomndeni,’ kusho uJuckes.