USolwazi Benn Sartorius.Ikolishi Lezifundo Zezempilo Lamukela Ithalente Elisha
USolwazi Benn Sartorius uqokwe njengoSolwazi eKolishi lezifundo zeZempilo eUKZN lapho ezosekela aphinde abambisane nakho konke okuphathelene noCwaningo futhi aqinise umkhakha wezeMvelozibalo-biostatistics aphinde aqhubeke nokwenza ucwaningo lwakhe.
Iziqu zikaSartorius zihlanganise ezobudokotela (iPhD) kwi-Biostatistics, iminyaka emibili yokuqeqeshwa ngaphansi kwe- Applied Field Epidemiology Fellowship (European Programme for Intervention Epidemiology Training [EPIET]) kanye nezeMSc kwi-Epidemiology ne Biostatistics. Ucwaningo lwakhe lugxile kakhulu kule mikhakha ikakhulukazi uhlangothi lwezempilo yomphakathi.
‘IPhD yami yangifakela ugqozi ezintweni eziphathelene nemiphumela kwezempilo yokungalingani, izinkomba ngokwezempilo kanye nokuxhumana ngokwenani labantu nomthelela walezi zinkomba. Ngizoqhubeka nokwenza ucwaningo lwami lwamanje kodwa sengiqalile ukubheka ngasohlangothini lwezifo ezingathathelani njengomdlavuza kanye nezinto eziphathelene nendlela esiphila ngayo ezinomthelela kulemiphumela,’ kusho uSartorius.
USartorius unekhono eliyisimanga emkhakheni we-Applied Field Epidemiology (isibonelo ukugadwa nokuphenywa kokubhebhetheka kwezifo) kanye nokwakhiwa kwezinqolobane zolwazi ezihlobene nokuphathwa kwalolu lwazi ngezindlela ezahlukene.
Unemibhalo eshicilelwe engama 25 ehlolwe ozakwabo umhlaba wonke kanti naye useke wahlola imisebenzi yabanye ozakwabo baphesheya abahlanu. Usecije abafundi abaningi beziqu ze-MSc kanti usecija nabeziqu zobudokotela (PhD).
‘Ngikuthakasele kakhulu ukuqokwa kwami eUKZN futhi nginethemba lokuthi ngizokwazi ukulekelela iKolishi emizamweni yalo yokukhulisa isibalo kanye nesimo socwaningo,’ kusho uSartorius.
Click here for English version
- Nombuso Dlamini



