Kumgubho weminyaka engama-25 we-UNITE (ngakwesobunxele) Mnu Noel Powell, Sol Jane Meyerowitz, Dkt Rudi Kimmie kanye nowayengumfundi kwi-UNITE, Mnu Sbu Shabalala, osengumphathi omkhulu weAdapt lt Ltd.Uhlelo Lwe-UNITE – Iminyaka Engama-25 Ingungqaphambili KwezeMfundo Ephakame!
‘Uhlelo i-UNITE lwangilungiselela lokhu engiyikho namuhla,’ kusho usomabhizinisi onempumelelo futhi ongumphathi omkhulu we-Adapt lt, uMnu Sbu Shabalala, ekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engama-25 yalolu hlelo.
UShabalala unomlando ofanayo nabanye onjiniyela, osomabhizinisi, abeluleki kanye nezifundiswa eziningi ezimnyama – bonke babeyingxenye yohlelo lwezokuthuthikiswa kwezokufunda elwaziwa nge UKZN’s Intensive Tuition for Engineers (UNITE).
Lo mgubho weminyaka engama-25 ubungabongi nje umlando we-UKZN wokuphakamisa izinga lokufinyelela nokulingana kwezemfundo, kodwa bekubongwa namandla okusebenzisana okunhlosonye, kulokhu, ubudlelwano phakathi komxhasi ngezimali wokuqala i-Anglo American Corp Ltd kanye nesikhungo esasibizwa ngeNyuvesi YaseNatali okwaphetha ngokuqalwa kohlelo i-UNITE (UNITE Programme) ngonyaka wezi-1988.
Okwakuyinhloso ngqo kwakuwukuheha abafundi ababuya ngaphansi kwesimo sokuntula ngokwezenhlalo, ezezimali kanye nezemfundo ukuba bafundele ubunjiniyela, nokuthuthukisa amathuba abo okuphumelela ngokukhuphula amakhono abo kwezempilo kanye nezemfundo.
Ngenxa yobuholi obunqala, abasebenzi abanentshisekelo kanye nabaxhasi abazinikele, iUNITE isikhule yaphenduka ingxenye yezinye zezindlela zokufinyelela ezinzile ngokuyimpumelelo futhi ehloniphekile yokufinyelela enezinhlelo zokuthuthukiswa kwabafundi ezifundweni zobunjiniyela kuzwelonke. Lolu hlelo ludlale indima enkulu empumelelweni yabafundi abaningi abaphothule izifundo zabo kwezobunjiniyela iningi labo elithole nokudla umhlanganiso kwezokuphathwa kwabafundi, ezamabhizinisi, ezobunjiniyela, ezokululeka nocwaningo kwezemfundo.
Lolu hlelo alugcinanga nje ngokufinyelelisa amakhulungamakhulu abafundi ezifundweni zobunjiniyela, lubuye futhi lwafaka isamba esingaphezulu kwekhulu lezigidi (R100 million) esikhwameni semifundaze se UKZN. Ngalomlando wempumelelo, iNyuvesi kanye ne-UNITE sebedlale indima enkulu ekuguquleni impilo,ukulinganisa amakhono kanye nonqubekela phambili ebanzi eNingizimu Afrika.
Umlando we-UNITE ngokwabantu ebathuthukisile, uyoqhubela ikusasa leNingizimu Afrika phambili kakhulu.
Click here for English version
- Rudi Kimmie



