30 April 2020
Volume: 8
Issue: 13
USolwazi Kaymarlin Govender, uMqondisi wezoCwaningo e-HEARD.

Abacwaningi be-HEARD Bandisa Usizo Kwezobuchwepheshe NoCwaningo e-Afrika Ngezinselelo Zezempilo Nezamalungelo Abantu Ezidalwa i- COVID-19

BY: .

Click here for English version

I-Coronavirus (i-COVID-19) iyaqhubeka nokubhebhetheka ngesivinini ezwekazini i-Afrika. Mhla zingama-22 kuMbasa ngonyaka wezi-2020 bese beyizi-15 394 abangenwe igciwane, sebengama-716 abafile (okuyizinga lokufa elingamaphesenti angama-4.7).

UMehluleli u-Zak Yacoob ethula i-webinar enesihloko esithi-Fake News, Lockdown and Unintended Consequences.

I-UKZN Ibine-Webinar Ngezindaba Ezingelona Iqiniso, Imvalelandlini Nemiphumela Yakho

BY: .

Click here for English version

Owayengumfundi wase-UKZN nowayenguMehluleli eNkantolo yoMthethosisekelo u-Zakeria “Zak” Yacoob ubenesigcawu ezinkundleni zokuxhumana i-webinar ngezindaba ezingelona iqiniso, imvalelandlini nemiphumela yakho, ebizwa ngokuthi Fake News, Lockdown and Unintended Consequences ezethamelini ezingaphezu kwama-250 esigcawini i-Zoom.

USolwazi Labby Ramrathan, uMengameli we-South African Education Research Association.

Isifundiswa SakwezesiNtu Siqokelwe Ukuba NguMengameli we-South African Education Research Association

BY: .

Click here for English version

Isifundiswa sezeMfundo uSolwazi u-Labby Ramrathan sisanda kukhethwa ukuba nguMengameli we-South African Education Research Association (i-SAERA).