02 March 2023
Volume: 11
Issue: 5
Izifundiswa ezingosanhlalakahle (kusuka kwesobunxele): UMnuz Bongane Mzinyane, uDkt Thembelihle Makhanya, kanye noDkt Mbongeni Sithole.

Izifundiswa Zethule Ucwaningo eNgqungqutheleni Yokuguquka KoMhlaba Kuzwelonke

BY: .

Click here for English version

Izifundiswa zophiko lwezenhlalakahle e-UKZN uMnuz Bongane Mzinyane, uDkt Thembelihle Makhanya kanye noDkt Mbongeni Sithole bathule amaphepha kwingqunguthela yesihlanu yokushintsha komhlaba kuzwelonke - iNational Global Change Conference ebiseNyuvesi yaseFree State.

UNksz Sibahle Khwela, umphathi omusha wefestivali yababhali, i-Time of the Writer.

Kuqokwe Umphathi weFestivali Yababhali Bezincwadi Omusha

BY: .

Click here for English version

Ngesikhathi uNksz Sibahle Khwela ezoqala ukuqeqeshelwa umsebenzini wokusingatha ezobuciko, i-arts administration internship, esikhungweni samaCiko, i-Centre for Creative Arts (i-CCA) eseKolishi lezaBantu e-UKZN, wayengazi ukuthi uzoxhumana nenqwaba yababhali bezincwadi abangaphezu kuka-100 abaqokelwe ukuthi babe yingxenye yeFestivali yalo nyaka yababhali bezincwadi i-Time of the Write Festival (16-21 Ndasa) eThekwini.

Kusuka kwesobunxele: Ososayensi base-UKZN uSolwazi Frank Tanser, uSolwazi Henry Mwambi, noDkt Andrew Tomita.

Umklomelo Wocwaningo Lwezigidi zamaRandi Ngocwaningo Olusezingeni Eliphezulu Nge-HIV

BY: .

Click here for English version

Ososayensi beKolishi leSayensi yezeMpilo e-UKZN, iCollege of Health Sciences (CHS) kanye neKolishi lezoLimo, ubuNjiniyela kanye neSayensi, iCollege of Agriculture, Engineering and Science (CAES) - ngokubambisana nabacwaningi baseNyuvesi yaseStellenbosch - baklonyeliswe ngesibonelelo esihlonishwayo sika-R40 million yinhlangano yezempilo, iNational Institute of Health (NIH) e-Unites States.

USolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu.

Ofundisa Ukuhlelwa KwamaDolobha Ekomidini Lososayensi be-ISOCARP

BY: .

Click here for English version

Uqweqwe lomfundisi wokuHlelwa kwamaDolobha obuye abe nguSihlalo weSARChI ohlelweni Lwenhlalo Egxube emadolobheni uSolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu uqokwe ukuthi abe yingxenye yeKomidi lezeSayensi enhlanganweni i- International Society of City and Regional Planners (ISOCARP).

Onqobe umklomelo wokufundisa ngokusezingeni eliphezulu wakwa-CIMA, uDkt Patricia Shewell.

Uthisha Osemnkantshubomvu Unqobe Umklomelo Wothisha Abasezingeni Eliphezulu wakwa-CIMA

BY: .

Click here for English version

Umfundisi kanye nomholi wezifundiswa ophikweni lwezokuFundisa nokuFunda esikoleni sezokuBalwa kweZimali, Ezomnotho kanye nezeziMali, iSchool of Accounting, Economics and Finance (SAEF), uDkt Patricia Shewell uklonyeliswe ngendondo yowezi-2022, yenhlangangano yokufundisa ngokuphathwa kwezimali, iChartered Institute of Management Accountants (CIMA) Teaching Excellence.