20 October 2022
Volume: 10
Issue: 48
uMnu Osman Ghoor, obuye nomklomelo wethusi e-FISU World University Combat Games.

UMfundi wase-UKZN Ubuye Nomklomelo weThusi Emidlalweni yamaNyuvesi Omhlaba Wonke

BY: .

Click here for English version

UMnu Osman Ghoor, nongumfundi we-Postgraduate Diploma in Accounting, kamuva nje uqhudelane nabanye emncintiswanweni we-FISU (International University Sports Federation) owaziwa ngeleWorld University Combat Games e-Samsun, ezweni lase-Turkey.

USolwazi Johnson Lin.

Ukonga Imvelo Usebenzisa Izinto Ezincane

BY: .

Click here for English version

USolwazi Johnson Lin wase-UKZN ujatshuliswa yizinto ezincane. NjengeMicrobiologist, ugxile kakhulu ekucwaningeni nge-Environmental Microbiology kanye ne-Bioremediation, kanti uphinde wasebenzisa ithuba lokwethula inkulumo yakhe yokugcotshwa njengoSolwazi ukuze acobelele ngemibono yakhe kulo mkhakha.

uSolwazi Vivian Ojong.

Isifundo esiKhethekile sihlola ulwazi lwe-Anthropology kanye nemiphakathi yaseziNkundleni zokuXhumana

BY: .

Click here for English version

IDini eyinhloko yesiKole seziFundo ngeHlalo YoMphakathi, uSolwazi Vivian Ojong wethule inkulumo yakhe yokuqala ngqa esenguSolwazi enesihloko esithi: “Territories in Flow and Flux”: Anthropological Knowledge and Virtual Communities.

Kusuka kwesokunxele: UNksz Samukelisiwe Ndlovu (ohlomule kulo mncintiswano), uDkt Ashley Subbiah (we-Disability Unit), kanye noMnu Khumbulani Mngadi, uMqondisi (oyibamba): ULPDO.

I-ULPDO Isabalalisa uMkhankaso Wokuqwashisa Ngabanenkinga Yokuzwa Ngezigaba Ezahlukene

BY: .

Click here for English version

NgeNyanga kaMandulo abantu baseNingizimu Afrika bagubha Inyanga Yamagugu esizwe kanye neNyanga Yokuqwashisa ngabantu abanezinkinga zokuzwa ngezigaba ezahlukene. Ihhovisi leNyuvesi lokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi neyaziwa ngele-ULPDO, lisebenzise leli thuba ukuba lenze umkhankaso woLimi lweziMpawu ngaphansi kwendikimba ethi: SASL Matters: Towards an Inclusive and Mindful Society.

uSolwazi David Spurrett ethula inkulumo nge-Hostile Scaffolding e-University of Wollongong.

Isifundiswa seKolishi lezeSintu Siyisivakashi e-Australian National University

BY: .

Click here for English version

USolwazi David Spurrett, noyisifundiswa emkhakheni weSikole sezeNkolo, iFilosofi kanye neClassics (SRPC), kamuva nje uchithe iNyanga egcwele njengesivakashi (visiting Fellow) e-Australian National University (ANU) esendaweni yase-Canberra.