07 July 2022
Volume: 10
Issue: 30
UDkt Richard Lessells ekhuluma nabadidiyeli bezifunda.

Kuchithwa Okungelona Iqiniso Ngemigomo ye-COVID-19

BY: .

Click here for English version

Imigomo ye-COVID-19 yenza ukuthi umuntu wesilisa ehlelwe ukulangazelela ukuya ocansini, isifo sohlangothi, isifo senhliziyo, ukuphathwa ikhanda okunganqamuki, aqubuke, awuphephile, inobuchwepheshe be-5G obenza ukuthi uhlale welusiwe ukuthi ukuphi, kushintsha ulibofuzo kumuntu, iDNA, njalo njalo… Cishe sonke sesike sazizwa lezi zinkulumo ezingelona iqiniso kanye namahemuhemu okwenza ukuthi iningi labantu lingabaze ukugomela lesi sifo esibulalayo.

Ababefunda e-UKZN kuhambo lokuvakashela ingadi yemvelo.

Uhambo Lwababefunda e-UKZN Oluya eNgadini yeMvelo eseBazley Beach

BY: .

Click here for English version

USoseshini wababefunda e-UKZN eThekwini, i-UKZN Durban Alumni Association ihlanganise uhambo oluyimpumelelo lokuvakashela ingadi yemvelo kaNksz Elizabeth Fordick - naye owayengumfundi wase-UKZN - e-Beach oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali.

Uhlobo lwesibili lwesikhwama sokuthenga esidayiswa kwa-Woolworths ukweseka umsebenzi wocwaningo kanye nokongiwa kwemvelo we-Cape Parrot Working Group e-UKZN kanye ne-BirdLife South Africa.

Uhlobo Olusha Lomdwebo kaPholi waseKapa Wodumo Ezikhwameni Zokuthenga zase-Woolworths

BY: .

Click here for English version

Isikhwama sokuthenga esisungulwe ngowezi-2017 isitolo sakwa-Woolworths ukulekelela ucwaningo kanye nokongiwa kwemvelo yopholi baseNingizimu Afrika abatholakala eKapa kuphela, (i-Cape Parrot), uqongelele izimali ezibalulekile ngomdwebo wayo okhangayo zezinhlangano zezinyoni (i-BirdLife SA) kanye ne-Cape Parrot Working Group (CPWG) ezise-UKZN.

Izethameli zomhlangano i-17th South African Marine Science Symposium.

I-UKZN Ilekelele Ukuhlela Umhlangano we-17 waseNingizimu Afrika weSayensi yezaManzi

BY: .

Click here for English version

Isikole seNyuvesi yeSayensi yeMpilo, kanye neSigungu soShaka saKwaZulu-Natali, egameni lenhlangano yokucwaninga ngezasolwandle, i-South African Network for Coastal and Oceanic Research, ihlele umhlangano we-17 weSayensi yezaMansi eNingizimu Afrika, i-17th SA Marine Science Symposium (SAMSS), eThekwini.

UDkt Thembelihle Makhanya wase-UKZN eseNyuvesi i-Maasai Mara eKenya.

Isifundiswa EsinguSonhlalakahle Sethule Ucwaningo KwiNgqungquthela yaMazwe Omhlaba eKenya

BY: .

Click here for English version

Isifundiswa esinguSonhlalakahle, uDkt Thembelihle Makhanya wethule ucwaningo lwakhe kwingqungquthela njengengxenye yokwethulwa kukasoseshini wabafundisa ezenhlalakahle e-Kenya, i-Association of Social Work Educators in Kenya (ASWEK).