18 July 2019 Volume :7 Issue :38

I-Enactus yase-UKZN Iphume Isithathu Kumqhudelwano kaZwelonke

I-Enactus yase-UKZN Iphume Isithathu Kumqhudelwano kaZwelonke
Omunye wabeluleki emKhakheni, uMnu Muzomuhle Mhlongo, namalungu e-Enactus yase-UKZN emqhudelwaneni kazwelonke e-Sandton Convention Centre.Click here for English version

Ithimba le-Enactus yase-UKZN liphume isithathu labambana ne-University of Pretoria ne-Durban University of Technology emqhudelwaneni kazwelonke wale nhlangano esiza abantu obuseGoli.

I-Enactus ichazwa ‘njengenkundla enkulu emhlabeni yokufunda ngokwenza nokucija abaholi bezamabhizinisi nomphakathi’. Abaholi bale nhlangano kwezamabhizinisi, ezemfundo nezabafundi bahlanganiswa wumbono wokwenza ngcono izinto emhlabeni.

Ngosuku lokuqala i-UKZN iqhudelane namathimba ase-University of Limpopo, i-Cape Peninsula University of Technology ne-Rhodes University. Ubunzima umqhudelwano kodwa i-UKZN yedlulela esigabeni esindulela esamanqamu, lapho iqhudelane khona ne-Cape Peninsula University of Technology, i-Durban University of Technology ne-University of Venda.

Ngemva kokuhlunga obekunzima, i-UKZN idlulele kowamanqamu, lapho ishaye into ecokeme iqeda endaweni yesithathu.

Kuyo yonke imincintiswano, ithimba lase-UKZN ligqame ngokucula nokudansa okuthathe amehlo abantu, kwathi amalungu alo anqoba imiklomelo eyehlukene eseceleni. UMengameli we-UKZN Enactus wangowezi-2018/19, uMnu Siphesihle Sekeleni, uklonyeliswe nge-Evan Paulos Leadership Excellence Award yangowezi-2019.

Amalungu e-Enactus yase-UKZN adumele ngomphumela kodwa akhuthazeka ngemuva kwamazwi kaMnu Thomas Radebe wodumo lezinkulumo ezakhayo nezikhuthazayo. URadebe uthe: ‘Kufanele ukuthi nidumale kodwa akufanele nidangale,’ wathi amalungu awaphinde amagama akhe athi: ‘Ukuba phakathi kompetha kusho ukuthi singompetha’.

Amagama: NguNomqhele JD Dube


author : .
author email : .