27 June 2019 Volume :7 Issue :35

Owase-UKZN Ugixabezwe nge-SAFRI Fellowship

Owase-UKZN Ugixabezwe nge-SAFRI Fellowship
Kusukela kwesobunxele wuDkt Kimesh Naidoo owudokotela wezingane owathola umfundaze i-SAFRI wangowezi-2018, uDkt Jacky van Wyk wakwa-AL-Research, noNks Keshena Naidoo othole umfundaze we-SAFRI wangowezi-2019.Click here for English version

UNks Keshena Naidoo ofundisa e-UKZN uhlabane ngomfundaze i-Sub-Saharan Africa-FAIMER Regional Institute (i-SAFRI) yomuntu ofundisa ezezeMpilo ukuthi eseke umsebenzi owenza izinto ngendlela entsha esikhungweni afundisa kuso.

Lolu wuhlelo lweminyaka emibili endimeni yezezempilo kulabo abangakwazi ukuphucula imfundo yezezempilo ezikhungweni zabo.

Umsebenzi ka Naidoo wuhlaka oluhlanganisa imikhakha ehlukene ekuqeqeshelweni ukunakekela amakhehla nezalukazi kwabantu abenza iziqu zeqhuzu lokuqala. Umuntu omcijayo ekucwaningeni wuSolwazi Jacky van Wyk.

Lesi sikhungo sikhipha imifundaze ecela kwi-16 minyaka yonke okuhloswe ngayo ukuqeqesha izindlela zokufundisa, ubufundiswa namakhono obuholi nokusungula izindlela zokweseka abantu abenza lo msebenzi kubantu abafundisayo.

‘Kusukela ngo-2003 ngifundisa e-UKZN kanti nginombono wemfundo edidiyele imikhakha ehlukene kubafundi bezezempilo,’ kusho uNaidoo. Unabe wathi umfundaze i-SAFRI yithuba eliyingqayizivele lokuhlangana nabalingani abacabangisa okwakhe e-Afrika.

Amagama: ngu-Nombuso Dlamini


author : .
author email : .