14 March 2019 Volume :7 Issue :6

Odokotela Abahlinzayo Besifazane Bangenisa Emkhakheni Ogcwele Abesilisa

Odokotela Abahlinzayo Besifazane Bangenisa Emkhakheni Ogcwele Abesilisa
Ithimba longoti benhliziyo elingabantu besifazane bodwa lase-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital. Kusukela kwesobunxele wuNksz Parasthi Maharaj (ohleli), uDkt Lindiwe Sidali, uDkt Leanne Drummond, uDkt Kudzai Kanyepi no-Sister Nonjabulo Ndlovu.Click here for English version

Ngaphansi kobuholi benhloko entsha uDkt Rajhmum Madansein, uMnyango we-Cardiothoracic Surgery e-UKZN uguqula enye yamagumbi okuhlinza iziguli ebeyikade yaziwa njengegcwele abesilisa balenza laba elawowonke umuntu. Lo Mnyango obe sematheni ngonyaka odlule uphinde wakhiqiza udokotela wokuqala wesimame onsundu eNingizimu Afrika ohlinzayo owungoti wenhliziyo, uDkt Lindiwe Sidali.

Kuqopheke umlando ngenkathi kusebenza ithimba elihlinzayo lodokotela besifazane bodwa egunjini lokuhlinza. Kuleli thimba bekukhona uDokotela weNhliziyo, uDkt Sidali; iNhloko yokuqulekisa abanhlinzwayo eSibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central Hospital (IALCH), uDkt Leanne Drummond; uDokotela oSizayo, uDkt Kudzai Kanyepi; uNgoti obheka umshini wenhliziyo, uNksz Parasthi Maharaj; noMhlengikazi osebenza uma kuhlinzwa, uSister Nonjabulo Ndlovu.

UKanyepi, odabuka eZimbabwe, wenza unyaka wesithathu njengoMabhalane oMkhulu we-Cardiothoracic Surgery Supernumerary. Wafunda esikoleni samantombazane wodwa, kanti ukhuliswe ngokuthi abantu besifazane bangenza noma yini. ‘Isiqubulo sasesikoleni sethu sithi "Gracia et Scientia", okusho ukuthi ngomusa nangolwazi. Safundiswa ukwemukela ukuthi singabantu besifazane, safundiswa ukuzithoba nokuhlale siphokophele ukwenza izinto ngezindlela ezintsha.’

UKanyepi wakhuthazwa ngomunye wosolwazi bezenhliziyo eZimbabwe, uSolwazi Muguti. ‘Amaphupho ami ngekusasa ancike kwisisho esithi “esikhundleni sokubalisa, shintsha izinto”. Ngifisa ukubuyela eZimbabwe uma sengiqede izifundo zami ngiyokwenza ushintsho khona, ngiphendlele odokotela abaningi benhliziyo indlela,’ kusho yena.

Ungoti osebenzisa umshini wenhliziyo uma kuhlinzwa, uMaharaj uwumuntu ongakaze azithambise ngasekufundeleni into ayithandayo. Wakhulela elokishin i-Phoenix, enyakatho yeTheku. Wayengumfundi wase-UKZN lapho athweswa khona iziqu ze-B Medical Sciences Honours, wedlulela e-Durban University of Technology lapho enza khona i-BTech Clinical Technology (noma i-Cardiovascular Perfusion). Usebenza e- IALCH.

Elandisa ngomsebenzi wakhe uthi, ‘Selokhu kwathi nhlo ngiyazifela ngomkhakha wobudokotela kanti ngaqala nginevuso lokugxila ocwaningweni kepha ngelinye ilanga ngathola ithuba lokuyobuka egumbini lokuhlinzela inhliziyo. Ngathi ngisamile ngibukela umshini kuhlinzwa, ngabona kwehla ukushaya kwenhliziyo yesiguli, yaze yathula nya. Yebo, uma kuhlinzwa inhliziyo namaphaphu kuyamiswa kanti lokho kwakuwumsebenzi kangoti osebenzisa umshini wokuhlinza inhliziyo. Lokho ngangikuqonda engqondweni yami kodwa kwaba ngenye into ukubona inhliziyo ima nse. Udokotela wasebenza ngokushesha kanti ngaqaphela indlela abasebenzisana ngayo udokotela, udokotela oqulekisa isiguli nongoti ogada umshini wokuhlinza inhliziyo. ‘Ngenkathi sesithungiwe isiguli, bayivusa inhliziyo ngaphandle kobuhixihixi. Ngabheka umshini, ngabona ukuthi inhliziyo isisebenza ngokwejwayelekile. Ngasala ngikhexile, kwavele kwembuleka ngalowo mzuzu ukuthi yiyona nto engithanda ukuyenza. Ngathanda yonke into ephathelene nokuhlinza, isimo sakhona, ukubhekisisa izinto nokuzinikela kwethimba elihlinzayo lonke.’

USidali wakhulela edolobheni elincane elinezimayini phakathi kwase-Rustenburg naseDutywa eSifundazweni i-North West. Ukubekezela wakufundiswa ngabantu besifazane abamkhulisa- okuwunina no-anti bakhe. Izifundo zobudokotela waziqala ohlelweni lwezifundo zobudokotela iMandela-Fidel Castro, unyaka wokugcina wawenza eNyuvesi yase-Pretoria ngaphambi kokuthi azoqhuba izifundo zakhe e-UKZN. ‘Ngifisa ukugxila ekuhlinzeni ukulungisa ukukhubazeka kwenhliziyo abantu abazalwa nakho kanti ngiphezu kwamalungiselelo okuqala uhlelo emnyangweni wethu lokuthi ukuhlinzelwa inhliziyo kwenzeke ezibhedlela ezincane,’ kusho yena.

USolwazi Ncoza Dlova, iNhloko yeSikolo Sezokwelapha e-UKZN, kumjabulisile ukuzwa izindaba zethimba labantu besifazane bodwa elihlinzela inhliziyo. ‘Imikhakha ethinta ezokuhlinza idume ngokugcwala abesilisa kanti umnyango wezokuhlinzwa kwenhliziyo, ngaphansi kwesandla sika-Raj Madansein, uwuqedile lowo mqondo. Isithombe sethimba “labantu besifazane bodwa" besegumbini lokuhlinza siveza ukuthi lo mnyango usushintshe kangakanani ngokobuzwe nangokobulili. Ngihalalisela uDkt Madansein ngemizamo yakhe yokukhuthaza izisebenzi zakhe. Ufana nobaba, uyanakekela kanti izisebenzi zakhe ziyazifela ngaye.’

Amagama: wu-MaryAnn Francis 

Isithombe: wu-Rajhmum Madansein

 


author : .
author email : .