08 November 2018 Volume :6 Issue :58

Kwethulwe i-LAN Yabakhubazekile eKhempasini i-Westville

Kwethulwe i-LAN Yabakhubazekile eKhempasini i-Westville
I-LAN yase-UKZN yabakhubazekile yethulwa ekhempasini yase-Westville.Click here for English version

Uphiko Lwezokwesekwa Kwabakhubazekile e-UKZN luvule i-LAN yabafundi abakhubazekile ekhempasini yase-Westville ngomhla wama-29 Okthoba 2018. 

Le LAN, etholakala emtapweni wolwazi eKhempasini i-Westville, yakheke ngokucophelela futhi ukuba ifeze izidingo zabafundi base-UKZN abakhubazekile. Ixhaswe nguMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha kanye nophiko lwase-UKZN Lwezokuhlelwa Kwengqalasizinda (IPP).

Isebenza ngezindlela eziningi zohlelokusebenza lwesimanje ukuze kuqinisekiswe ukuthi izitshudeni ezingaboni kahle ziyakwazi ukukhulisa izikrini zekhompyutha noma ukuthwebula umbhalo ukuze uhlelokusebenza lubafundele ama-athikhili noma amajenali. Olunye uhlelokusebenza olwengeziwe ku-LAN ukunikeza abafundi abayizimpumputhe nabangaboni kahle ithuba lokuzikhethela isoftiwe abangayisebenzisa ukuze bakwazi ukufinyelela izinsiza zabo zokufunda. Uhlelo lwe-Braille nalo luyatholakala ku-LAN.

Umxhumanisi Wezabakhubazekile e-Howard College, uMnu Nevil Balakrishna, ugcizelele ukubaluleka kokufinyeleleka kwalezi zindawo ngaphandle kwezithiyo. Uthe i-LAN yakhiwe ngokucophelela ukuqinisekisa ukufinyeleleka ngamakheshi, okusamaphasishi okuhamba, izihlalo zabakhubazekile, ukukhanya, umbala kapende, ifenisha kanye nokuqina noma ukuthamba kwephansi ukuze abafundi abahamba ngezihlalo zabakhubazekile noma abangaboni kahle bakwazi ukusebenzisa izakhiwo kalula.

UMqondisi Omkhulu Wezabafundi, uDkt Rose Laka-Mathebula, uthe iNyuvesi ifuna bonke abafundi, ngokungakhethi imvelaphi yabo, baphumelele ezifundweni zabo. 'E-UKZN, konke esikwenzayo kuqhakambisa abafundi. Sifuna bonke abafundi bakwazi ukuthokozela impilo ekhempasini kanye nempilo yaseNyuvesi,' kusho yena.

Iphini loMqondisi Wohlelo Lwengqalasizinda Yokuhlaliswa Kwabafundi kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uDkt Ncedo Xhala, liyincomile iNyuvesi ngale mpumelelo ‘yobuvulandlela’ kanye 'nokusebenzela izintshisekelo zabafundi abaphila nokukhubazeka.' Uthe wethemba ukuthi lesi sinyathelo sizogqugquzela amanye amanyuvesi futhi siqhakambise ukubaluleka kwamadivayisi okulekelela abafundi abakhubazekile.

Umcimbi wokuvulwa ubandakanye nombukiso owenziwe umfundi oyimpumputhe owenza izifundo ze-PhD kweze-Biology, uMnu Ashley Subbiah, owavaleka amehlo ngowezi-2010. Ubonisa ngezinye izinhlelokusebenza ezintsha ezitholakalayo kwi-LAN kubandakanya ne-JAWS, uhlelo olumsiza akwazi ukuphothula izifundo zakhe zeziqu ze-PhD. 'Angikwazi neze ukusebenzisa iphepha nepeni ukwenza umsebenzi wami,' kusho yena. Uyishayela ihlombe iNyuvesi ngokuthuthukisa izinsiza zayo ezitholakalayo eminyakeni emine edlule.

Uhlelokusebenza i-Super Nova luphinde lwaqhakanjiswa ngumhlinzeki oyimpumputhe nowayengumfundi wase-UKZN, uMnu Albert Peters. Ube esechaza ngesikhathi esafunda e-Salisbury Island, eyayaziwa nge-UDW, kwase kuthi kamuva yahlanganiswa neNyuvesi yaseNatali ukuze kwakhiwe i-UKZN. UPeters uxoxe ngokuthi abafundi abayizimpumputhe babethembele kanjani kwimshini yokubhala kanye namakhasethi okuqopha ukuze baqhube izifundo zabo. Ulushayele ihlombe uhlelokusebenza i-Super Nova oluhlanganisa izakhi ezifana nokuqashelwa kwezinhlamvu okwenza uhlelo lwe-PDF lukwazi ukufundelwa abantu abayizimpumputhe.

Uchwepheshe oPhezulu wezokuThuthukiswa kwabaFundi eMkhakheni WeZabafundi, uMnuz Amith Ramballie, uchaze ngezinsizakalo kanye nama-LANS atholakalayo kwamanye amakhempasi ase-UKZN. Ubalule bonke labo abasize ukuqinisekisa ukuthi amaphrojekthi ayaphumelela, kubandakanya noMqondisi woMtapo wolwazi, uNksz Joyce Myeza; uSolwazi we-UKZN Foundation, u-Anesh Singh; uMnu Muzi Khumalo we-IPP kanye neqembu lakhe (ikakhulukazi uNksz Nwabisa Matyolo); uMnu Abdullah Sharif we-ICS kanye nethimba lakhe; kanye ne-Principal Agent TJ Architects emelwe uMnu Paul Elliot.

Amagama: Ngu-Raylene Captain-Hasthibeer 

Imifanekiso: Ngu-Albert Hirasen


author : .
author email : .