06 September 2018 Volume :6 Issue :44

Lidekiwe Itafula: Obhuti Abangamawele Basungule Indawo Yokudlela eKhempasini i-Howard College

Lidekiwe Itafula: Obhuti Abangamawele Basungule Indawo Yokudlela eKhempasini i-Howard College
Obhuti Abangamawele uLuthando kanye noThando Adam abavule indawo yokudlela ekhempasini i-Howard CollegeClick here for English version

Obhuti abangamawele baphinde babe abafundi be-Masters eKolishi LezesiNtu, uLuthando kanye noThando Adama, sebevule indawo yokudlela iXhamela Kitchen ekhempasisni i-Howard College.

Amawele athengisa ukudla kwesintu okumnandi futhi okungabizi okufana nojeqe nobhontshisi, inhloko nophuthu, usu kanye namanqina enkukhu.

‘Njengabantu abazimele futhi abawathandayo amasiko, sathatha ithuba esalinikezwa i-UKZN isixhasa ngesibonelelo sokuqala esingu R5000 esasilekelela sifeze iphupho lethu,’ kusho uThando.

Bekhuluma ngabakwenza njalo ngosuku, uLuthando uchazile, ‘Usuku lwethu olujwayelekile luqala ngo 4am sesiqala ukupheka ukudla ukuze kulungele isikhathi sokuvula ngehora le-9am.’

Ukuze kube nozinzo phakathi kwesikole nebhizinisi, amawele athembela kakhulu kuhlelo olunomthetho oqinile. Benza uhlelo lwesonto; babhale phansi yonke imigomo yabo yesonto bebe besebenza kanzima ukufeza futhi baqede amapulani ebebezibekele wona.

Kusho uThando, ‘Sihlela ukukhulisa ibhizinisi lethu ngokuvula amaziko kuwona wonke amakhempasi aseUKZN nangaphandle. Sizokwenza lokhu ngokulithengisa, sithole i-website kanye nokukhankasa ezindaweni zokuxhumana ukuze sikhulise inani labantu esifinyelela kubo futhi negama lethu laziwe. Sisaphumelele kuze kube imanje ngokusebenzisa amakhasimende ethu athembekile futhi asesekayo.’

Lezi zelamani ziphinde zinezinhlelo zokuqala uhlelo lwezenhlalakahle oluyisibophezelo lokuhlinzeka abafundi abaswele ngokudla. ‘Sifuna ukunikeza injabulo. Njengabantu abasebenza ngokuthuthukisa imiphakathi, sesithathe isinqumo sokulwa nobumpofu hhayi nje emphakathini wethu kodwa nasemphakathini waseNyuvesi,’ kusho uLuthando.

Eluleka osomabhizinisi abancane abasafufusa, uThando uthe, ‘Ukuzimela yiwona khiye, ikakhulukazi kusizukulwane sethu. Siyabagqogquzela ozakwethu abangabafundi ukuba basebenzise amakhono kanye nobuchwepheshe babo ukuze babe abakhi bemisebenzi. Ungalindi uhulumeni akwenzele izinto kodwa bahlangabeze eduze njengabaholi bakusasa.’

Indawo yokudlela itholakala eYMCA yabafundi, ku-201 Prince Alice Avenue eceleni kwendawo yokuhlala i-EJ.

Words: Melissa Mungroo 

Isithombe:  Sihlinzekiwe


author : .
author email : .