08 August 2018 Volume :6 Issue :36

Uthisha kanye Nabafundi Balandelela Umsuka Womhlaba

Uthisha kanye Nabafundi Balandelela Umsuka Womhlaba
uDkt Cynthia Chiang kumabonisakude i-PRIZM etholakala e-Marion Island.Click here for English version

UDkt Cynthia Chiang, uthisha osemkantshubomvu we-Astrophysics Ehhovisi Lezocwaningo lwe-Astrophysics kanye ne Cosmology e-UKZN, usebuyile eMarion Island etholakala phakathi kwe-Antarctica kanye neNingizimu Afrika, lapho athuthukisa khona umabonisakude wemisebe yerediyo i-PRIZM.

Umabonisakude, owakhiwa uDkt Chiang kanye nabafundi bakhe be-strophysics, usetshenziselwa ukulandelela izinkanyezi zokuqala ezakhanyisa umkhathi.

Ekuqaleni kwawo lo nyaka, uDkt Chiang- elekelelwa ngabanye babafundi bakhe- wangeza ama-antenna amabili kumabonisakude ngesikhathi ithimba livakashe okokuqala kusiqhingi kusukela kufakwa umabonisakude ngonyaka wezi-2017. Lama-antenna amabili amasha akhiwe ngezindlela ezingafani kanti futhi avamise ukusebenza ngemisebe ephansi kunalawa avele ekhona.

Ngokuhamba kwesikhathi, uDkt Chiang wabuyela eMarion Island eseyedwa wafika walungisa ingxenye kamabonisakude elekelelwa ongoti abahlala esiqhingini.

Waphinde wavuselela amabhetri angama-500km ukuze anyuse isikhathi sokusebenza. I- PRIZM yakhelwa ukuze kukaleke kanti futhi isize ekutholeni izinkanyezi zokuqala kanye nomthala owakhiwa.

Ukuze ulwazi luqopheke kahle, indawo ekhethiwe kamabonisakude bekufanele ukuthi ibesendaweni engenazo izixhumanisi ezakhiwe ezifana neziteshi zemisakazo kanye nomakhalekhukhwini. I-Marion Island yakhethwa ngenxa yokuba sendaweni ekahle eqhele ngamakhilomitha ayi-2000 kumhlaba wezwekazi oseduze kanti futhi ingenye yezindawo ezithule emhlabeni.

UDkt Chiang kanye nethimba lakhe babhekana nezingqinamba eziningi ngesikhathi besebenza kusiqhingi esiphakathi kweziphepho, indawo eyaziwa kakhulu ngokuba nomoya omkhulu, imvula kanye namakhaza kanti futhi kufinyeleleka kuyona ngolwandle. I-SA Agulhas II, umkhubi wocwaningo kanye ne-icebreaking polar supply wase Ningizimu Afrika ophethwe uMnyango Wezemvelo, uvakasha kwanye ngonyaka. Ngaphezu kwalokhu, kumele kuhlalwe isikhathi esifushane kusiqhingi. ‘Besinesikhathi esincane samasonto amathathu kusiqhingi sokuxhuma, kusebenze imishini, siqoqe ulwazi bese siyahamba,’ kusho uDkt Chiang. ‘Kwesinye isikhathi isimo sezulu kanye nokubambezeleka kwezinhlelo kwasinikeza isikhathi esincane sokwenza izinto,’ enenezela.

Umabonisakude we-PRIZM ubulokhu uqoqa ulwazi unyaka wonke odlule eMarion Island futhi uDkt Chiang nabafundi bakhe basacubungula ulwazi abaluqoqe ngalesi sikhathi. ‘Ngalo mabonisakude, sithola izimpawu zangempela ezivela esibhakabhakeni kanye nomthelela wemvelo nokuhleleka ongase ulethwe ithuluzi, ngakho-ke, muningi umsebenzi okhona uma kwehlukaniswa le mithelela siqinisekisa ukuthi siyakuqonda ukuthi lokhu esikubona esibhakabhakeni kuyilona iqiniso,’ esho.

UDkt Chiang, osenikele nakwabanye omabonisakude abakhona emhlabeni jikelele kufaka phakathi i-SPIDER, i-Planck High-Frequency Instrument, i-South Pole Telescope kanye ne-C-BASS, uthe i-Marion Island umsebenzi onzima kakhulu ake wawenza. ‘Uyagodola, uyalamba futhi ukhathala kakhulu ngasosonke isikhathi kodwa ke kufanele kwenziwelwe isayensi kanti futhi isendaweni enhle,’ esho.

Amagama: uBavani Naidoo 

Isithombe: Sinikezwe uDkt Cynthia Chiang

 


author : .
author email : .