15 March 2018 Volume :6 Issue :7

I-UKZN Ilekelela Ekulwisaneni Nomdlavuza Wesibeletho

I-UKZN Ilekelela Ekulwisaneni Nomdlavuza Wesibeletho
Oyinhloko YoMnyango WezeSayensi Yezezifo Zabesifazane NeSayensi Yezokubelethisa, uSolwazi Motshedisi Sebitloane ethula umkhankaso i-Umdlavuza "Pap Smear" Drive ngengqungquthela i-SASOG 2018.

Click here for the English version

Umnyango Wezezifo Zabesifazane NeSayensi Yezokubelethisa kanye noMnyango WezeMpilo waKwaZulu-Natali bahlangane nenhlangano i-Cancer Association of South Africa (CANSA) ukuze kufundiswe ngomdlavuza wesibeletho nokugqugquzela ukuhlolelwa lesi sifo ngenyanga ezayo.

USolwazi Motshedisi Sebitloane wethule umkhankaso obizwa nge-Umdlavuza Pap Smear Drive ngesikhathi benengqungquthela yenhlangano i-South African Society of Obstetricians and Gynaecologists ebisanda kubanjelwa eThekwini ngaphansi kwesihloko esithi: Ukugqugquzela Ukufinyeleleka Okulinganayo KwezeMpilo Yabesifazane.

Lo mkhankaso uhlose ukukhuphula izinga lokuqonda komphakathi ikakhulukazi kubantu besifazane abangakahlolelwa umdlavuza wesibeletho ukuze bazohlolwa enyangeni kaMbasa. UMnyango wezeMpilo uzosebenzisana kakhulu nezigodi zawo, omasipala, amahhovisi ezimeya, abelaphi bendabuko, izinhlangano zokholo, izikole, nabaholi bomphakathi ukuze kufundiswe, kugqugquzelwe futhi kuhlolwe imiphakathi. Lo mkhankaso uzophothulwa ngomzamo wokubeka i-Guinness World Record lokuhlola esakhiweni sinye ngosuku olulodwa okukwedlula konke okwake kwenziwa. Lokhu kuzokwenziwa ngomhla zingama-21 kuMbasa esigodini saseThekwini, lapho kuzobe kuphokophelwe ukuhlola abesifazane abayi-1000. Abazobamba iqhaza bahlanganisa abesifazane abaneminyaka engaphezulu kwengama-30 kanye nabesifazane abane-HIV, kungakhethwe minyaka yobudala. Kwenziwa ukuhlolwa okungaphansi kwezi-15 000 eKwaZulu-Natali (KZN) nyangazonke.

‘Sikholelwa ukuthi lo mkhankaso uzokwakha ukuqonda okwengeziwe mayelana nokungenziwa ukugwema isifo somdlavuza, hhayi esifundazweni sethu kuphela kodwa nakuzwelonke futhi uzoqhamuka nezinhlelomasu ezizoholela ekuncishisweni kwesibalo sabantu abathola lomdlavuza wesibeletho abasha e-KZN naseNingizimu Afrika,’ kusho uSebitloane.

Kwabesifazane abahlala esigodini saseThekwini, ukuhlolwa kuzokwenziwa ngomhla zingama-21 kuMbasa esibhedlela e-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital eThekwini.

Amagama: nguNks Lihle Sosibo


author : .
author email : .