11 June 2015 Volume :3 Issue :28

Abafundi abahlala ngaphakathi ekhempasini i-Edgewood bebenomgidi wezamasiko

Abafundi abahlala ngaphakathi ekhempasini i-Edgewood bebenomgidi wezamasiko
Abafundi nabasebenzi base-Edgewood Residence abebenomcimbi wokugubha amasiko nemashi yokuthula yokulwisana nobandlululo ngokobuzwe.

Click here for English version

Abafundi basezindaweni zokuhlala ekhempasini i-Edgewood bebenosuku lokuqwashisana ngamasiko ezakhiweni zezemidlalo emuva kwezehlalakalo zokucwasa ngokobuzwe ezithinte nabokufika abangabafundi base-UKZN.

Lolu hlelo obulinesihloko esithi : "Sabelana ngolwazi lokufanayo futhi sijabule ngokwahlukahlukana kwethu",  luhehe abafundi abahlala ekhempasini abangaphezulu kwezi-1500 lapho bekukhonjiswa ngamasiko ahlukene akhona phakathi kwabasebenzi nabafundi.

Uhlelo losuku luqale ngemashi yoxolo ezungeze ikhempasi ebikhombisa uvo lwe-UKZN nokweseka kwayo umkhankaso wokulwisana nokucwasa ngokobuzwe ngaphansi kwesiqubulo esithi : "I-Africa Eyethu Sonke – Masibumbane". 

Emva kwemashi, abebebambe iqhaza baphinde bangenela umncintiswano lapho bebezikhethela isiko kwamanye atholakala ezindaweni zokuhlala bese benza okungumculo, umdanso nokunye ubuciko obenziwayo, umdlalo weshashalazi nemisebenzi yezandla yalelosiko.

I-Royal Kingdom, ebeyenza okwesiko lwesiZulu idle umhlanganiso, kwathi endaweni yesibili kwalandela uMdoniwood (Setswana) neRoyal Estate (IsiXhosa). 

Obhekene neMpilo ezindaweni zokuHlala, uJulian King ubonge zonke izindawo ezihlala abafundi ngokuzinikela ngalobu busuku. 


author : .
author email : .