25 July 2025 Volume :13 Issue :22

Ukusebenzela Inqubekela Phambili Yomhlaba Ebandakanya Wonke Umuntu

Ukusebenzela Inqubekela Phambili Yomhlaba Ebandakanya Wonke Umuntu
UMnu Luthando Molefe.Click here for English version

UMnu Luthando Molefe, owenza iziqu ze-PhD e-UKZN, usanda kuqokwa eQenjini eliSebenzayo laseNingizimu Afrika leQembu lama-20 (G20) ukuba libambe iqhaza engqungqutheleni ehlelelwe umhla ziyi-18-22 kuNcwaba. 

IHhovisi likaMongameli waseNingizimu Afrika we-G20 liqala kusukela mhla lu-1 kuZibandlela wezi-2024 kuya zingama-30 kuLwezi 2025, elinesihloko esithi ‘Ubumbano, Ukulingana, Nokusimama’ okuphawula okokuqala ukuthi izwe lase-Afrika lingamela i-G20. 

I-G20 iyinkundla yamazwe ngamazwe ehlanganisa iminotho emikhulu emhlabeni wonke ethuthukile nesathuthuka ukuze kuxoxwe ngezindaba zezomnotho nezezimali emhlabeni jikelele. Alinalo ihhovisi likanobhala noma abasebenzi abasebenza ngokugcwele, futhi ihhovisi likamongameli lishintshana phakathi kwamazwe angamalungu alo. Amalungu e-G20 amele cishe amaphesenti angama-85 omkhiqizo wasekhaya ophelele, ngaphezu kwama-75% ohwebo lwamazwe ngamazwe, kanye nezingxenye ezimbili kwezintathu zabantu bomhlaba. 

Njengengxenye yokusingatha kweNingizimu Afrika amaqembu ahlukene e-G20, uMolefe uqokwe ukuthi asebenze ku-Youth 20 (Y20) - iqembu elisemthethweni lokuxoxisana nentsha le-G20. 

I-Y20 South Africa 2025, ngaphansi kwendikimba ethi ‘Amabhuloho Okwakha Intsha: Ukuhlanganisa Ubumbano, Ukulwela Ukulingana, Nokusimama’, ihlose ukunika amandla abaholi abasebasha ukuze balolonge izinqubomgomo zomhlaba wonke ezibonisa izinto eziza kuqala entsheni. Njengeqembu elisemthethweni lokuxoxisana nentsha le-G20, i-Y20 yaseNingizimu Afrika isebenza njengenkundla yezingxoxo, ukusebenzisana kanye nokwenza okuthile - ukuqinisekisa ukuthi amazwi amasha anegalelo elibonakalayo ekuthathweni kwezinqumo emhlabeni jikelele. Le ngqungquthela izogxila emikhakheni enezihloko ezihambisana ne-ajenda yehhovisi likamengameli be-G20 eNingizimu Afrika, iqinisa indima yentsha ekuqhubekiseni phambili inqubekelaphambili yomhlaba wonke esimeme nebandakanya wonke umuntu. 

UMolefe uthe: “Kuyinto ehloniphekile ukuqokwa endimeni ebaluleke kangaka lapho ngizobe ngimele iNingizimu Afrika. Lokhu kuqokwa kunginika ithuba lokuxoxisana ngezinselelo abantu abasha ababhekana nazo ekufinyeleleni nasekubambeni iqhaza ekubumbeni izingxoxo nezinqubomgomo, okuhlanganisa ukuqaliswa kwezinselelo ababhekana nazo mathupha. Ngaphezu kwalokho, ukubamba izinkulumo-mpikiswano ezibucayi mayelana nemizila eyahlukene engase ibhekwe nezidingo zomhlaba wonke ezilinganayo nezingabhekelwa kangcono yizo zonke izikhungo zamazwe omhlaba nezobungane abathintekayo, ikakhulukazi labo abashiywe ngemuva eminyakeni edlule.” 

Ukuqinisekisa umthelela wesikhathi eside wezincomo zenqubomgomo ye-Y20, i-Y20 South Africa 2025 izophakamisa ukusungulwa koMkhandlu we-Y20 Sherpas - noma okunye, uMkhandlu Wokululeka Wamazwe Ngamazwe we-Y20. Lo mkhandlu uzohlanganisa abaholi bentsha abanolwazi, abenzi benqubomgomo kanye nochwepheshe abavela emazweni e-G20, abajutshwe ukwengamela ukuqaliswa kwezincomo okuvunyelwene ngazo. Ngokunikeza izeluleko zamasu, ukugqugquzela ukubambisana kohulumeni kanye nokuqapha inqubekelaphambili, umkhandlu uzosiza ekuqinisekiseni ukuthi amazwi entsha ahlala esemqoka ekwenziweni kwenqubomgomo yomhlaba wonke. 

UMolefe akayena umafikizolo ekuxoxisaneni kwezamazwe ngamazwe. Ngowezi-2023, wamela iNingizimu Afrika engqungqutheleni yesi-8 ye-Brazil, Russia, India, China and South Africa (BRICS) Young Scientists Forum, kulandela umhlangano we-11 we-BRICS Science, Technology and Innovation Ministerial Meeting, owawuholwa nguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, iSayensi nobuChwepheshe, uDkt Blade Nzimande.

Ngowezi-2023 nangowezi-2024, uphinde wabamba iqhaza ku-BRICS South Africa-Brazil Bilateral Forum, South Africa-Russia Bilateral Forum, South Africa-India Bilateral Forum kanye ne-Africa-BRICS Youth Forum, ngaphansi kweNhlangano Yentsha YaseNingizimu Afrika ye-BRICS.

Kuze kube manje, uMolefe usethule ucwaningo lwakhe futhi wasebenza njengesikhulumi somhlangano wonke kanye neLekshara eyisivakashi ezingqungqutheleni zamazwe ngamazwe nezikazwelonke ezingaphezu kwama-60 emazweni angaphezu kwe-15.

Umbhalo: NdabaOnline 

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .