10 April 2015 Volume :3 Issue :11

Umfundi Wase-UKZN Uhambele Ingqungquthela Yezobuciko Namasiko

Umfundi Wase-UKZN Uhambele Ingqungquthela Yezobuciko Namasiko
Umfundi Wase-UKZN uThabile Buthelezi Uhambele Ingqungquthela Yezobuciko Namasiko.

Click here for English version

Umfundi weziqu ze-Masters kwi-Applied Ethnomusiology e-UKZN  uNkz Thabile Buthelezi uhambele ingqungquthela i-Arts and Culture Trust University of Johannesburg njengengxenye yethimba labayisithupha baKwaZulu-Natali.

Njengoba bekunguye kuphela  omele i-UKZN, uButhelezi ubuze imibuzo emayelana nokuthuthukisa ezobuCiko NamaSiko eNingizimu Afrika kube kusetshenziswana nabantu abasha embonini.

Okumhlabe umxhwele kube ukulalela izikhulumi ezahlukene zikhuluma ngezindima nokuzimbandakanya kwazo okuqinisekisa ukuthi ukuqhubeka kwezobuCiko kuyaphumelela.

Izingqungquthela ezifana nalezi ziyalekelela ezingxoxweni nabanye abakulo mkhakha womnotho wezobuciko futhi ziholela ekusebenzisaneni phakathi kwamaciko nezethameli zengqungquthela. ‘ kusho uButhelezi. ‘Engikufundile ukuthi umnotho wezobuciko udlala indima enkulu emnothweni waseNingizimu Afrika.

Ngakho uxhaso ngezimali olukhulu nokwesekwa kumele kunikezwe imboni yezobuCiko namaSiko ukuze kuqinisekiswe ukuthi iyawuthuthukisa  umnotho. Ukuxhaswa ngezimali kwemihlangano efana ne-10th Annual African Cultural Calabash ne-1st Annual African Music Symposium kumele kuthathwe njengokubalulekile kakhulu yizinhlangano  ezixhasayo ngoba le mihlangano ayigcini nje ngokuthuthukisa futhi iqhubele phambili imboni kodwa yakha amathuba nezinkundla zobuciko

UButhelezi uthe izingqungquthela ezifana nalezi zibaluleke kakhulu ngoba ‘ uzibonela mathupha ukuthi amanye amaciko enzani, ufunde, ubuze imibuzo futhi nisebenzisane nibe nixhumana’.

Melissa Mungroo


author : .
author email : .