18 May 2023 Volume :11 Issue :25

Umfundi Wezobudokotela KwiPolitiki Uthule inkulumo Kowe-IEC

Umfundi Wezobudokotela KwiPolitiki Uthule inkulumo Kowe-IEC
UMnuz Ntuthuko Mhlongo.Click here for English version

Umfundi oneMasitazi nowenza iziqu zobudokotela kwiSayensi Yezombusazwe uMnuz Ntuthuko Mhlongo Ubemenywe iKhomishana Ezimele Yokhetho (Independent Electoral Commission [i-IEC]) ukuthi akhulume ngakuthole ocwaningweni lwakhe ngesihloko esithi “Opportunities and Challenges of Youth Engagement in the South African Context.”

Ucwaningo lwakhe lwalubheka amathuba nezithiyo intsha ehlangabezana nazo uma izama ukushintsha izinto kwezombusazwe ezweni.

'I-Arab Spring nombutho i-#feesmustfall kushintshe izinto kwezombusazwe emhlabeni jikelele,' kusho uMhlongo. Uqhube wathi ucwaningo luveza ukuthi izinhlaka zentsha kudingeka ukuthi zisebenze ukuze zivume ushintsho. Uguquko lunzima uma lezi zinhlaka zingasabeli, okuholela ekukhungathekeni nentsha izizwe inganakiwe. Lokhu kwenza ukuthi ifune ukungena ezintweni ezingalungile njengobugebengu, imibhikisho enodlame nobuphekulazikhuni.’

UMhlongo ubalule ukuphokophela kwabantu abenza inqubomgomo abanamandla okwenza izinhlaka ezivumela intsha ukuthi ikwazi ukuletha ushintsho oluhle emphakathini.

Uphawule ngokuthi unenhlanhla yokwenza ucwaningo olungenza umehluko empilweni yentsha, wathi lokhu kudinga ukuthi umuntu acabange ngendlela ehlukile.

Ezinhlelweni zakhe zangomuso ufisa ukuba ngumcwaningi weziqu zobudokotela nokuqhubeka nocwaningo lwakhe.

Umbhalo: uSinoyolo Mahlasela 

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .