12 September 2013 Volume :1 Issue :1

Umfundi wase-UKZN Kososayensi Abaphambili Besifazane

Umfundi wase-UKZN Kososayensi Abaphambili Besifazane
Umfundi wase-UKZN uNksz Nontobeko Mvubu, othole umklomelo womfundaze weTATA emcimbini wama2013 DST Women in Science Awards nomfundisi wakhe uSolwazi Bala Pillay.

Uzitholele umfundaze wakwa TATA umfundi weMicrobiology uNksz Nontobeko Mvubu emcimbini obuse Goli wokuklomelisa ososayensi besifazane ba-2013 owenziwa umnyango wezeSayensi nobuChwepheshe iDST.

UMvubu waqokwa ngabafundisi bakhe uSolwazi Balakrishna Pillay noDkt Manormoney Pillay.

‘Lokuthola lomuklomela sekungivulele amathuba amaningi okuthi ngikhule ngenjomcwaningi,’ kusho uMvubu. ‘Ngibonga abafundisi bami ngokukholelwa kimina. Ukuba yingxenye yomcimbi lapho kukhona khona uNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe bekuyiphupho engingasoze ngalikhohlwa.’

I-DST ibungaza abantu besifazane kwezesayensi minyaka yonke ngokuqoka bazongenela emazingeni ahlukene. Lemiklomelo ethulwa u uNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe esidlweni sasebusuku kulonyaka ebibanjelwe eSandton.

USolwazi Cheryl Potgieter oyi Deputy Vice-Chancellor neHead of the College yaka Humanities uthule inkulumo ngokwanda kodlame olubhekiswe kubantu besifazane nendima engadlalwa isayensi nobucwaningo kuleyondawo.

‘Njengabantu abahola uNonto,  uSolwazi Bala Pillay name siyajabula Futhi siyaziqhenya kakhulu ngomklomelo wakhe,’ kusho uDkt Manormoney Pillay. ‘UNonto umulungele lomklomelo ngoba ungumfundi ozimisele, ozinikelayo, osebenza kanzima nowaziyo ukuthi ufuna ukuphothula izifundo zakhe zeMasters esikhathini esinqunyelwe sona.’

Umvubu ubekade evela enza kahle kuzozonke izifundo zakhe obesezitholele imiklomelo eminye, imifundaze kanye noxhaso lokufunda.

Izifundo zeMasters zakhe zifaka ubuciko obusha be molecular techniques okunikeza ulwazi olungcono ngezingxenye ezahlukene ngesifo se M. tuberculosis.

Esitatimendeni esihlangene esikhishwe abafundisi wakhe bathe: ‘Sibonga uSolwazi Bill Bishai wase K-RITH ngokweseka izifundo zikaNonto ese-Johns Hopkins University eMelika lapho omunye umsebenzi wenzelwe khona. Ucwaningo lakhe lweMasters luvuse imibuzo eminingi yocwaningo okwenze ukuthi lishintshe izinga liye kwelePhD.’

UMvumbu usethole okuningi okusiza ezifundweni zakhe zePhD kulonyaka ngokuya oqeqeshweni olusebenzisa ubuchule be-Bioinformatics software alwenza ukuthi akwazi ukuhlangula ucwaningo lwakhe esebenza nabe South African National Bioinformatics Institute.

‘Kuhambelana nenyanga yabesifazane, imiklomelo yeWomen in Science ikhombisa ngokusobala imizamo yomnyango yokuqinisekisa ukulingana ngobulili emikhakheni yezesayensi, ubunjiniyela nobuchwepheshe nokuqhikiza,’ kusho isitatimende sakwaDST.

Click here for English version


author : Barrington Marais
author email : maraisb@ukzn.ac.za