02 March 2023 Volume :11 Issue :5
Ofundisa Ukuhlelwa KwamaDolobha Ekomidini Lososayensi be-ISOCARP
USolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu.Click here for English version
Uqweqwe lomfundisi wokuHlelwa kwamaDolobha obuye abe nguSihlalo we-SARChI ohlelweni Lwenhlalo Egxube emadolobheni uSolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu uqokwe ukuthi abe yingxenye yeKomidi lezeSayensi enhlanganweni i-International Society of City and Regional Planners (ISOCARP).
Leli komidi leluleka ngezinto zokuhlela ngobuchwepheshe obuphezulu ‘ngobungcweti kanye nobuqotho bezemfundo kanye nekhono’. Amalungu ahlinzeka ngemibono enzulu ukubumba uhlelo lokusebenza oluhambisa phambili ukwenza futhi olunenqubekelaphambili, oluhlinzeka ngocwaningo oluthathelwe kubufakazi ukuze inhlangano ikwazi ukuba nezethulo kwinkulumompikiswane yamazwe omhlaba, futhi ukuqinisekisa ukuthi i-ISOCARP ihlala ihamba phambili ekuhleleni, ukucabanga kanye nokwenza.
Amalungu ekomidi ahlala iminyaka emithathu.
UMagidimisha-Chipungu ukholwa ukuthi izethulo kanye nokuhlanganela kwawo wonke umuntu kubalulekile njengoba kusabalalisa konke akwenzayo njengosihlalo weSARChI emadolobheni ahlalisa abantu ngokuxubile. ‘Ukuba yingxenye yekomidi lezesayensi kuphoqa ukuthi nginikele ngesikhathi, ulwazi kanye namakhono. Impela kungumsebenzi onzima, kodwa uma ucabanga ukuthi awumele kuphela isikhungo sakho noma izwe kodwa izwekazi lase-Afrika ukuqinisekisa ukukhula kwamadoloba okusimeme, kanye nekusasa eliphumelele lamadolobha - nokuyinto esinentshisekelo yayo - kungaphezu konklomelo. Ayikho indawo engcono ukuthi nginikele okwedlula kunaleli komidi.’
Ukubona ‘kuyisipiliyoni esinomfutho ukusebenza nongcweti abehlukene emikhakheni yabo abaqhamuka emhlabeni wonke futhi babelana ngolwazi, amakhono kanye nobungcweti. Ukuba yingxenye yeKomidi loSosayensi be-ISOCARP kungilethela inhlonipho enkulu. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke kuleli thuba futhi ngeyethemba ukuthi ngesikhathi sami ngizokwazi ukuphosa esivivaneni ngendlela eseqophelweni engilaziyo.’
UMagidimisha-Chipungu unguKhomishana wezokuHlela kuZwelonke owaqokwa nguMengameli waseNingizimu Afrika kanti ungumcwaningi okleliswe yinhlangano yabacwaningi kuzwelonke, iNational Research Foundation (NRF).
Ubuye waba ngukhomishana wokuhlelwa kwedlolobha kuMasipala weTheku enomsebenzi wokululeka ngamasu isigungu sekomidi kanye namakhansela futhi wayekwiKomidi lezoKweluleka eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neZindaba zoMdabu, lapho ayeluleka ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali ukulingana kwezindawo.
Waqokelwa ukuba umklomelo wokucwaninga weSekela likaShansela e-UKZN, wabuye wamenyezelwa njengomunye wabafinyelele kowamanqamu emncintiswaneni Mail & Guardian’s 2022 wabesifazane abanamandla ngaphansi komunxa wabesifazan ababusayo, i-The Governing Woman.
Ezingeni lomhlaba, uMagidimisha-Chipungu ube yingxenye ye-ISOCARP yokuqondisa ngokubambisana umhlangano wayo wokuqala wabasemkhakheni wokuhlela abasebancane, iYoung Professional Planners (YPP) eNingizimu Afrika ngowezi-2016, futhi wahlonishwa ngokuba ngowesifazane onomthelela kakhulu kwiphephabhuku lase-United Kingdom i-The Planner ngaphansi kwesikhungo sabahleli bamadolobha, i-Royal Institute of Town Planners.
Waklonyeliswa ngobulungu be-ISOCORP BRONZE - okwakungokokuqala e-Afrika - ngeqhaza lakhe elivelele ngesikhathi se-ISOCARP ka-57 neka 58 eDoha.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .