17 November 2022 Volume :10 Issue :52
“Ingqwele YezeMpilo eSebenze ngokuziMisela e-Afrika” Ihlonishwe yi-UKZN
USolwazi Ncoza Dlova noMike Sathekge (kwesobunxele), nebula igama elisha kukhona umndeni oseduze kaSolwazi Mayosi.Click here for English version
IKolishi lezeSayensi yezeMpilo liqambe kabusha indawo yokufundela i-L7 esesikhungweni i-Nelson R Mandela School of Medicine eThekwini ukuhlonipha uSolwazi Bongani Mawethu Mayosi.
UMayosi ubenguSolwazi woKwelapha kanye neNhloko yoMnyango woKwelapha esibhedlela e-Groote Schuur kanye naseNyuvesi yase-Cape Town ngesikhathi eshona ngowezi-2018. Njengowayefunda ophikweni lokwelapha e-UKZN, waqeqeshwa emkhakheni wezokwelashwa kwabantu abadala nezifo zenhliziyo eCape Town kanti wasebenza nabanye abenza ucwaningo esikhungweni iNuffield Oxford Medical kwezokwelashwa kwezifo zenhliziyo eNyuvesi yase-Oxford eNgilandi kusuka kowezi-1998 kuya kowezi-2001.
Ebeka amazwi okwamukela emcimbini wokuqamba kabusha, uSolwazi Ncoza Dlova, oyiNhloko yesiKole seMithi yoKwelapha kanye nomngani oseduze kaMayosi, ubalule ezihambelini ezingumndeni, abangani kanye nababefunda noMayosi kanye nabasebenzi base-UKZN kanye nabafundi ukuthi ukuqanjwa kabusha kungukuhlonipha indoda ayayinobuhlakani obumangalisayo, eyayengudokotela wezifo zenhliziyo ongajwayelekile, isifundiswa kanye nengqwele engakhathali yezempilo e-Afrika.
Intshisekelo yocwaningo lwakhe kubalwa kuyo izifo zenhliziyo ezihambisana nofuzo, ukwelashwa kwesifo sofuba lokuvuvukala kolwelwesi oluzungeze inhliziyo, kanye nokuvikela izifo ezithikameza inhliziyo, isikhumba, nengqondo. Wakleliswa ngokwesigaba A, i-A rating, kwinhlangano yabacwaningi kuleli i-National Research Foundation (NRF) eyayimthatha njengomunye owayesezingeni labahamba phambili kubacwaningi bomhlaba.
Ngiwezi-2017, ithimba labacwaningi ayelihola laba ngundabuzekwayo emazweni omhlaba ngokuhlonza isakhi sofuzo esasiyimbangela enkulu yokufa ujuqu ngenxa yokuma kokushaya kwenhliziyo kubantu abasha kanye nakubasubathi. Ukuzibandakanya kukaMayosi kulolu cwaningo kufaka phakathi ukuchitha iminyaka engu-20 ehlola umndeni waseNingizimu Afrika ozinze eThekwini ethikanyezwa yilolu hlobo lokungasebenzi kahle komzimba. ‘Lona ngubufakazi bokungalilahli kwakhe ithawula ekusunguleni ucwaningo olulekelela ukuhlenga izimpilo,’ kusho iSekela likaShansela wase-UCT, uSolwazi Mamokgethi Phakeng.
USolwazi Mike Sathekge, oyinhloko yomnyango we-Neclear Medicine eNyuvesi yasePitoli kanye nasasibhedlela eSteve Biko Academic nongumngani omkhulu futhi owaqeqeshwa kaMayosi wembule igama elisha lendawo yokufundela. Enza izethulo zakhe, uSethekge uthe: ‘UBongs wayengumeluleki ocabangela futhi ezibophezela kwabanye. Ubehlale ephokophele ukushintsha izimpilo zabanye, etshala kubafundi izimiso eziqinisekisa ukuthi bayaphumelela. Isiqubulo sakhe empilweni sasithi: ‘Phakamisa ngesikhathi uphakama (lift as you rise).’
Umfowabo kaMayosi, uMnuz Sipho Mayosi uthe: ‘Yize esadlula emhlabeni, umlando wakhe usahleli nathi futhi sisalokhu siwezwa amagama akhe akhuthazayo esizungezile.’
Ngowezi-2017, uMayosi waqokelwa kwese-US National Academy of Medicine, okungukuhlonishwa okuphezulu emkhakheni wezempilo kanye nokwelashwa okuklonyeliswa abantu abasuke bezuze lukhulu emkhakheni womsebenzi wabo kanye nokuzinikela kwabakwenzayo. Okunye ukutuswa okwehlukene kubalwa ukuqokelwa ukuyohlanganyela kwiSikole soMhlaba sezobuCiko kanye neSayensi, i-Fellowship of the World Academy of Arts and Science (2013); umklomelo wokucwaninga ngezempilo kasoseshini wezempilo e-Afrika nesikhwama sezempilo sakwa-Bonitas, i-South African Medical Association/Bonitas Medical Fund Merit Award for Health Research (2013); umklomelo wenhlangano yososayenye kanye bobuchwepheshe kuleli, i-National Science and Technology Foundation - BHP Billiton Award (2012); kanye nomklomelo wenhlangano yokucwaninga kuleli wokuguqula ngokubambisana isayensi eNingizimu Afrika, i-National Research Foundation Award for Transforming the Science Cohort in South Africa (2011).
NgoLwezi ngowezi-2009, uMengameli Jacob Zuma wamklomelisa ngendondo yokumhlonipha eNingizimu Afrika, i-Order of Mapungubwe in Silver, ngempumelelo yakhe enhle kakhulu emkhakheni wesayensi yokwelapha.
Wayengumengameli weKolishi loDokotela eNingizimu Afrika, uSihlalo wekomiti labacwaningi bezempilo kuleli, i-Nationa Health Reserch Committee; iSekela likaMengameli weNhlangano yeZifo zeNhliziyo Emazweni ase-Afrika, i-Pan African Society of Cardiology (PASCAR); kanye noSihlalo womkhandlu wezifo ezithikameza ihliziyo, umzimba namalungu omzimba emhlabeni eyingxenye yenhlangano yenhliziyo emhlabeni, i-Rheumatic Fever Council of the World Heart Federation.
Esevala, uSethekge uthe: ‘UMayosi ushiye umlando obonakalayo ngomnikelo wakhe ekucwaningweni kwezokwelapha, kwezemfundo zokwelapha kanye nokuthuthukisa abanye. Uyohlale ekhunjulwa ngalawa mazwi: “Akwenele ukuthatha umsebenzi wokweluleka oshiywe omunye umuntu bese uqhubeka lapho egcine khona. Omunye nomunye wethu wadalelwa ukuthi enze umnikelo okhethekile emhlabeni. Okulandelayo ukuthi lokhu ungakwenza kanjani empilweni yakho ukuze ukwazi ukushitsha izimpilo zabanye abantu”.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .