10 November 2022 Volume :10 Issue :51
Umsakazo i-East Coast Radio Welekelela Abafundi Bezifundo ze-Media
Abafundi be-Media bebese-East Coast Radio.Click here for English version
I-UKZN kanye nomsakazo i-East Coast Radio (ECR) bebehlangane ukuze bebungaze abafundi abathola iziqu ze-postgraduate ze-Media nabaklonyeliswe ngemifundaze kanye nokubonga iminikelo umsakazo ufaka isandla kubafundi.
Umcimbi ububanjelwe ekomkhulu le-ECR eMhlanga.
Enkulumweni yakhe yokwamukela uMphathi we-ECR Human Resources, uNksz Yvette Pillay uthe: ‘Inhloso yalolu hlelo ukuhlinzeka ngemifundaze yabafundi beMedia sigxile emakhonweni ayivelakancane nabalulekile kwezokusakaza. Umgomo wethu ungukuthuthukisa intsha yanamuhla futhi sibhekelele nokuntuleka kwemisebenzi.’
Kusukela kwaqala ubhubhane lwe-COVID-19, i-ECR isebenze ngokuxhumana kobuchwepheshe besimanje neNyuvesi futhi ayizange ibe nethuba lokuhlangana nabafundi abathole imifundaze ubuso nobuso. Umqondisi we-ECR, uNksz Boni Mchunu, ozifelayo ngemfundo ubonakalise ukujabula ngokuhlangana nabantu abehlezi ebona amagama abo kodwa engakaze ahlangane nabo. ‘Njengophawu sihlale sithi izindaba zase-KZN yizinto zethu ezisithinta ngqo, ngakho kungiphatha kabuhlungu uma ngibona abafundi beshisa izikhungo ngenxa yokushoda kwezimali. Ngemfundo, umuntu uba ngokhululekile futhi abe ngomunye umuntu ohlukile uma eseneziqu. Ngicabanga futhi ukuthi kubalulekile ukuthi abafundi babe nokuxhumana nathi kanye nethimba labaphathi,’ kusho yena.
UMqondisi Omkhulu we-UKZN Foundation uMnu Steve Camp uphawule wathi: ‘Imfundo kanye nentshisekelo kwenza umuntu aphumelele emkhakheni womsebenzi wakhe. Abafundi abaningi badonsa kanzima maqondana nokuthola imifundaze futhi siyazazisa izinhlangano ezifana ne-ECR ezenza kube khona imifundaze yezifundo zobuciko ne-Media nezingavamile ukuheha abaxhasi ngezimali.’
USolwazi Lauren Dyll we-Center for Communication, Media and Society (CCMS) kanye noMholi we-Community Engagement eSikoleni se-Applied Human Science naye ubonge i-ECR ngegalelo labo.
Amaqembu amabili abafundi ababuya e-CCMS kanye nakwi-Media and Communication Studies bebejabule kakhulu ukuba yingxenye yalo mcimbi bezwakalisa nokubonga kwabo okukhulu.
Amagama: ngu-Zama Khoza
Izithombe: ngu-Sethu Dlamini
author : .author email : .