28 October 2022 Volume :10 Issue :49
Umfundi wezeSintu Ungumpetha Wezinkondlo Kuleli
UMnuz Kwanele Nyembe.Click here for English version
Umfundi we-Onazi ezifundweni zokulingisa nobuciko uMnuz Kwanele Nyembe umenyezelwe njengompetha womncintiswano wezinkondlo kuleli, iNational Poetry Slam ngesikhathi kunefestivali yezinkondlo zase-Afrika e-UKZN.
UNyembe okhale wemuka nomklomelo ka-R22 000, uzomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wezinkondlo womhlaba, iWorld Slam Poetry Competition eBrazil ngonyaka ozayo.
Ubuye aziwe ngelikaTory Saint, uNyembe ungusonkondlo waseThekwini, ongumbhali, umlingisi kanye nomdansi.
‘Usamningi umsebenzi okumele wenziwe. Kodwa namuhla, sibungaza ubusuku esibuchithe nosonkondlo abahamba phambili bezwelonke,’ kusho yena ngesikhathi kumenyezelwa. ‘Ngidlulisa ukubonga kwisikhungo iCentre for Creative Arts (CCA) kanye ne-UKZN ngokunika amaciko inkundla. iNingizimu Afrika inosonkondlo abahamba phambili emhlabeni, kanti ngiyabonga kwi-Poetry Africa ngokuzindla ngenkolelo emisiwe. Sengikubheke ngabomvu ukugcina isicoco ngonyaka ozayo eBrazil.
UMqondisi weCCA uDkt Ismail Mahomed uthe: ‘Siyakubongela Kwanele. IPoetry Africa yowezi-2022 ibe impumelelo engachazeki, iqinisekisa indawo yayo njengenkundla ebalulekile ehlanganisa ndawonye osonkondlo abaqhamuka emhlabeni ukwabelana, ukugxeka nokugubha ubuciko bomunye nomunye. Ngesikhathi esifanayo, ifestivali iyizinkomba zokuthi osonkondlo bafunda futhi bahumusha kanjani izimo zethu zenhlalo, ezepolitiki nezomhlaba. IPoetry Afrika ingummeli onamandla wezobulungiswa bezenhlalakahle.’
Elinye lamajaji eSlam Jam kanye neNhloko yeWorld Poetry Slam uDkt Philip Meersam eBelgium wengeze ngokuthi: ‘Ukusetshenziswa kwezwi likaKwanele, indlela umyalezo odluliswe ngayo, kungasetshenziswa imicrophone, ukuxhumana nezethameli, ukuvinjwa kwemizwa, ukucashunwa kweBhayibheli kanye ukuhlubula umzimba womuntu kwingqikithi ngamagama anesankahlu kanye nokusola nokuhlanganisa abantu ndawonye, kube nomphumela wokunqoba obekufanele.
‘UKwanele ungumnqobi wangempela ngayo yonke indlela, ethumba futhi eheha izethameli zakhe. Ungumlingo okumele ubonwe bukhoma ngumhlaba.’
UNyembe ungomunye wabasunguli be-Sink or Swim Podcast, okuyinkundla esebenza njengophiko lwabezindaba yamaciko aseThekwini ukuze akwazi ukukhuluma ngomsebenzi wawo futhi yethule umhlaba kubantu abathintekayo. Njengeciko elijabulisa izethameli usesebenze nehhovisi lenxusa laseSweden ePitoli ehlangene neHear my Voice, abasungule umdlalo we-inthanethi ehlanganisa amaciko aphuma emikhakheni eyehlukene, okubalwa imfashini, ukubhala nokufunda, umculo, amagama aphinyiswayo, abezindaba, uhulumeni kanye nezifundiswa, ngokufunda ngokubambisana kanye nokuhambisana noshitsho kanye nokwesekwa ngesikhathi kuhlasele ubhubhane.
Uke wabonakala ohlelweni iSundowners Poetry and Jazz Show ePlayhouse. Ngaphezu kwalokho ukhombise ngomsebenzi wakhe ezinkundleni ezihlukene okukhona kuzo iWord N Sound kanye neWorlds of Words.
Ubuye wanqoba umncintiswano wezinkondlo wase-UKZN iGolden Key Poetry.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .