14 April 2022 Volume :10 Issue :11

Owayeyisitshudeni sase-UKZN Esigabeni Esandulela Esamanqamu eMncintiswaneni kaMrs SA

Owayeyisitshudeni sase-UKZN Esigabeni Esandulela Esamanqamu eMncintiswaneni kaMrs SA
UNkk Andile Pieterson osesigabeni esandulela esamanqamu emncintiswaneni ka-Mrs SA 2022.Click here for English version

Oyisitshudeni sakudala sase-UKZN, ongusomabhizinisi, inkosikazi nomama, uNkk Andile Pierterson udlulele esigabeni esandulela esamanqamu emncintiswaneni ka-Mrs SA 2022.

Ungoti wezifo ezithinta amehlo, u-Andile, unohlelo i-TwinsOnEyes abambisene kulo newele lakhe u-Ayanda - naye ongungoti wezifo ezithinta amehlo - lapho besiza khona izingane ikakhulukazi eziqhamuka ezikoleni zabampofu.

‘Silekelela ngezibuko zamahhala ezinganeni ezizidingayo, siphinde sisebenze nezinhlangano ezifana ne-Hibiscus Coast Rotary Club uma benezinsuku ababhekelela ngazo ezempilo lapho sisuke sinika usizo lokunakekelwa kwamehlo.’ kusho u-Andile.

Ungowokudabuka e-Izotsha e-Port Shepstone kanti unethemba lokuthi ngokungenela umncintiswano ka-Mrs South Africa, uzogqugquzela amantombazane asemancane emphakathini wakhe nasezweni lonke, ewasiza ukuthi abone ukuthi noma yini ingenzeka futhi amaphupho ayafezeka.

U-Andile usezinze e-Ballito kodwa uyaya ePort Shepstone njengoba nakhona enendawo yokunakekelwa kwamehlo.

‘Ngisohanjeni lokuzithola nokuzithuthukisa njengoba ngihamba izinhlelo ezisuke zinabezifazane abavelele nabeluleki bempilo abethula izinkulumo ezakhayo noqeqesho olubalulekile emizameni yami yengomuso.’ kusho u-Andile.

‘Ukuba sesigabeni esandulela esamanqamu ngiphuma KwaZulu-Natali kusho ukuthi sengiyinxusa lesifundazwe sami. U-Mrs SA akusiwo nje umncintiswano wonobuhle kodwa inhlangano efaka umdlandla ekuphakanyisweni nasekuthuthukisweni kwabesifazane.’

Ukumvotela, ubhala i-SMS uthi “Andile Pieterson” uthumele ku 47587 (i-SMS ibiza ama-R3) noma uye ku-Mrs South Africa ekhasini lika-Facebook noma kwi-Instagram page.

Amagama: ngu-Nombuso Dlamini

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .