11 February 2022 Volume :10 Issue :2
Umfundi Ovelele Uzoba Ngumhleli We-International Journal
UMnuz Mohamed Suleman uqokelwe ukuba ngumhleli ongumfundi we-International Journal of Medical Students.Click here for English version
UMnuz Mohamed Suleman, owenza unyaka wesine e-Nelson R Mandela School of Medicine, uqokelwe ukuba ngumhleli ongumfundi we-International Journal of Medical Students.
U-Suleman nodokotela wengqondo waseNyuvesi yaseCape Town yibo kuphela abadabuka eNingizimu Africa abayingxenye yethimba labahleli, elinamalungu angama-40, abavela emhlabeni jikelele, awodokotela abasebancane nabacwaningi bezokwelapha. Umsebenzi wabo wukubuyekeza imibhalo yesayensi ngaphambi kokuthi ashicilelwe kuleli bhuku locwaningo.
Uthe ukuqokwa kwakhe abe ngumhleli kuzomnika ithuba lokukhula kule ndima kumuphe nomqondo wokuhlaziya ngeso elibukhali ekubhaleni ucwaningo.
‘Ukubuyekezwa ngabalingani kwemibhalo yesayensi kufanele kwenzisiswe futhi kwenziwa ngokucophelela. Kubalulekile ukuthi kubuyekezwe ngeso elibukhali okutholwa wucwaningo lwesayensi ukuze izinga lomphumela wocwaningo lihlale liphezulu,’ kusho yena.
Lo dokotela osacathula ukhethwe ngo-elethu waklonyeliswa ngendondo ye-Best Student Researcher neye-Best Student Innovator emkhakheni wezokwelapha emcimbini wokuklomelisa ngezindondo e-UKZN emicimbini wokuphela konyaka odlule. Abalingani bakhe eKolishi leSayenzi YezeMpilo bamchaza ngokuthi ungumcwaningi ozinikele nonentshisekelo ophila isiqubulo sase-UKZN esithi Sigqugquzela Ubunyoninco, ngesingisi Inspiring Greatness.
U-Suleman uyazifela ngamakhambi anobufakazi bokusebenza kwawo. Uveze ukuthi ubhubhane iCOVID-19 lusaqhubeka nokudala inkulumo-mpikiswano ngokuphepha nokusebenza komgomo.
‘Ukuvela kwezinhlobo ezintsha zegciwane kuhlale kunobungozi. Lolu bhubhane lugqamise ukubaluleka kokubeka phambili ezempilo, kumele sifunde ukuphila nendlela igciwane eliguquguquka ngayo,’ kusho yena.
UMhleli Omkhulu we-International Journal of Medical Students, uSolwazi Francisco Escobar, ubongele u-Suleman ngokukhethwa kwakhe waphinde wamfisela okuhle kodwa emsebenzini wakhe omusha.
Amagama: ngu-Mandisa Shozi
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .