26 November 2021 Volume :9 Issue :54

Owayefunda e-UKZN Ungene Kwezezakhiwo

Owayefunda e-UKZN Ungene Kwezezakhiwo
UMnu Skhulile “SK” Ndlovu nomsebenzi wokwakha i-Avoca Heights.Click here for English version

Umfundi wakudala wase-UKZN noyisikhulu esiphezulu seNtaba Holdings uMnu Skhulile “SK” Ndlovu wenza ezibukwayo embonini yezokwakha!

INtaba Holdings, inkampani eyenza izinto zenzeke kwezokhwakha eyasungulwa ngonyaka wezi-2019 isungulwa nguNdlovu nabanye, ihlose ukwenza izinto zibe lula kubantu abaqala ukuthenga imizi nabaqala ukutshala imali ezakhiweni.

UNdlovu, oneziqu i-BCom in Supply Chain, Marketing and Human Resource Management zase-UKZN, uthi kade achazwa yindaba yezakhiwo kodwa ukuthenga indawo okokuqala kwamvula amehlo ukuthi yinto enzima kanjani nokuthi cishe abanye abantu abasha abasebenzayo babhekana nenselelo enjengeyakhe. ‘Ngabona ithuba lokuthi ngiqala inkampani yami yezakhiwo eyayizokwenza ukuthenga izakhiwo kube lula, ikakhulukazi kwabaqalayo ukuthenga.’

UNdlovu unamava kwezamabhange okutshala imali, njengoba ake wasebenza e-Hong Kong and Shanghai Banking Corporation (e-HSBC) nase-Union Bank of Switzerland (e-UBS).

Uthe impumelelo yakhe kwezamabhizinisi ingenxa yezinto azifunda e-UKZN nakwi-SIFE-UKZN, esibizwa nge-Enactus UKZN. I-Enactus yinhlangano engenzi nzuzo yasemhlabeni jikelele ehlanganisa abafundi, abaholi bezemfundo nabamabhizinisi abazinikele ukusebenzisa amandla amabhizinisi ukuphucula impilo yabantu nezinga layo.

Ngenhloso yokuba ngenye yezinkampani ezinkulu ezicaba indlela e-Africa, iNtaba Holdings yethule umsebenzi wayo wokuqala kulonyaka i-Homestead Views Security Estate, ehlanganise amafulethi nezindlu ezizimele okuli-100 e-St Francis Bay eMpumalanga Kapa.

Lenkampani iphinde yethula i-Avoca Heights e-Avoca, eThekwini, okungamafulethi asezingeni eliphezulu enani elevile ezigidini ezi-R100. UNdlovu uthe: ‘Lesisakhiwo esisha esinezindlu ezinamakamelo amabili, amagumbi okugeza nendawo yokupaka izimoto ezimbili ngemali engaphansi kwesigidi (R1 million). Kodwa okumnandi kakhulu wukuthi iseduze kukaNorth Coast Road osheshe ungene kuN2 nasesikhumulweni sezindiza, naseduzane kwaseMhlanga.’

UNdlovu ubonge umndeni, abangani nabalingani bakhe ngokumeseka aze afike lapho ekhona namuhla. Ukhuthaze abanye osomabhizinisi ukuthi baqale lapho bekhona, baqhubeke njalo ukuze ibhizinisi labo liphumelele.

INtaba Holdings igxile eGoli kanti inamahhovisi eThekwini naseMpumalanga Kapa.

Yilandele ku: @ntabaholdings ku-Facebook, Instagram naku-LinkedIn.

Amagama: wuHlengiwe Khwela

Izithombe: Zithunyelwe


author : .
author email : .