05 November 2021 Volume :9 Issue :47
Udokotela Ohlinza Izingane Uhlele Izinkambu Zokuhlinza Okuphuthumayo
UDkt Saveshree Govender (kwesobunxele) ne-Hypospadias Camp eyayingoNhlaba ngowama-2021 e-IALCH.Click here for English version
ISikole Sezokulapha sihalalisele ongudokotela wezingane ohlinzayo uDkt Saveshree Govender oseqhulwini lokusungula i-“Hypospadias Camp” eMnyangweni wokuHlinza Izingane e-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital (e-IALCH).
Izingane ezidinga ukuhlinzwa ziphazanyiswe wubhubhane i-COVID-19 njengoba ukuhlinzwa kwazo kuhlehlisiwe ukuze kubekwe eqhulwini ukuhlinza okuphuthuma ngezindlela ezehlukene. Izingane ezine-hypospadias ngezinye zazo. I-Hypospadias Camp isize ukwehlisa izikhathi zokulinda kwathi abasebenza e-Paediatric Surgery and Anaesthesiology bavoluntiya ngesikhathi sabo ngezimpelasonto ukuze kwelashwe izingane.
U-Govender useke wahlela izinkambu ezine exhaswe yi-Marcus Medical. Kweyokugcina eyayingoNhlaba wezi-2021, ziyisishiyagalombili iziguli ezahlinzwa ngempumelelo.
‘Ngaphezu kokuhlinza ngempumelelo, inkampu isize amarejistra eMnyangweni ukuthi athole amava ngokuhlinza okunzima. I-Hypospadias Camp ibivuleleke nakwabajova abantu abazohlinzwa nodokotela bamadoda nakwabangaphandle kwase-IALCH ukuthi bazane noMnyango weZokuhlinza Izingane naleminyango,’ kusho iNhloko yeZokuhlinza Izingane e-UKZN, uDkt Sheik Gafoor.
Amagama: nguLihle Sosibo
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .