22 October 2021 Volume :9 Issue :45
I-UKZN Ihlele Isifundo Saminyaka Yonke NgoMafika Gwala
USolwazi u-Imraan Coovadia owethule Isifundo Saminyaka Yonke NgoMafika Gwala.Click here for English version
Isifundo Saminyaka Yonke NgoMafika Gwala Sangowezi-2021 sethulwe bukhoma njengengxoxo enkundleni yezokuxhumana ngobuchwepheshe ngosuku lokuvula i-25th Poetry Africa Festival yase-Centre for Creative Arts (i-CCA) yase-UKZN. Lesisifundo sethulwa ngonyaka wezi-2015 ngokubambisana phakathi kweKolishi le-Humanities, i-South African History Online (i-SAHO) ne-National Institute of Humanities & Social Sciences (i-NIHSS).
Umqondisi we-CCA uDkt u-Ismail Mahomed uthe: ‘Isifundo Saminyaka Yonke Sesikhumbuzo SikaMafika Gwala sigubha, siqhakambise umsebenzi omangalisayo walengwazi yomlobi, isifundiswa nomvikeli wobulungiswa emphakathini.’
IDini neNhloko yeSikole Sezobuciko uSolwazi uNobuhle Hlongwa yengeze yathi, ‘UGwala ugqugquzele izimbongi eziningi zamanje eNingizimu Afrika.’
UMnu u-Omar Badsha, umsunguli nomqondisi we-SAHO, wengeze ngokuthi: ‘Kusukela sasungulwa Isifundo Saminyaka Yonke NgoMafika Gwala, izishabasheki zaselokishini iMpumalanga, ngase-Hammarsdale (lapho uGwala ahlala khona kakhulu), minyaka yonke zihlela imikhankaso yezincwadi ezikoleni zakulelilokishi naseMgungundlovu. I-SAHO ishicilele iqoqo lemisebenzi kaGwala.’
Isihloko esinohlonze sanonyaka, ebesithi What the Left forgot about the Left since Mafika Gwala, sethulwe nguSolwazi u-Imraan Coovadia, umbhali nesifundiswa esingumqondisi we-Centre for Creative Writing yase-University of Cape Town kusukela ngowezi-2011.
U-Coovadia ukhulume ngokuthi yini eyayihlukile neyayinesidingo kwababekholelwa enkolelweni yezombusazwe kaGwala nabanye, ukuthi kungani babehlanganisa izinkondlo nokuba yizishoshovu zezombusazwe nokuthi sekushintsheni kwabakholelwa kuleyonkolelo njengoba isigxile ezibalweni zebala labantu nokuvikela udlame lokuquqaba.
‘Impumelelo siyizwe, okusho ukuncishiswa kobubha nokweswela, akuveli ekwazini noma ekuziqhenyeni kodwa kuvela esimweni sokufunda nokuziphucula, okusho ukuvuleleka olwazini olusha nokuvuleleka emhlabeni. Alikho izwe emhlabeni elinabantu abanhlakanhlaka kangaka ngemisebenzi yabo, okusho izinga eliphezulu lokungasebenzi kwabantu,’ kusho yena. ‘Ukutshalwa kwamaqabane ezikhundleni, izibalo ngokwebala nokucebisana ngokomnotho ngobungani, nakuba kudingwa ngamaqeqebana ezombusazwe nomphakathi, kuyinqubo eyenze lenhlekelele.’
U-Coovadia ubeke umbono othi iNingizimu Afrika ‘idinga ukuzigxisha ukukwazi ukuziqoqa, ukukhuthala nokuthwala ijoka lezinto esizenzayo. Abantu abahlanganyele ekwenzeni izinto kunokulinda uHulumeni ukuthi uhlanze imigwaqo yethu noma usizo lwemali ukutshala izihlahla nokunakekela amagceke ezikole. Imfundo ayifinyelele kuwo wonke amakhaya, kuyo yonke imijondolo nazo zonke izakhiwo ezintengayo zemfundo. Asakhe kunokuthi sicekele phansi. Ngikholwa wukuthi uGwala, owayazi isifiso sabantu, ubezongivumela.’
Ukubungaza impilo kaGwala, umbhali nesifundiswa uDkt u-Betty Govinden uqambe wase ehaya inkondlo ethi In Defence of Poetry ehambisane nempilo kaGwala, ibe ilingisa umongo wezinkondlo zakhe nakuba ibikhuluma ngesikhathi seNingizimu Afrika engemuva kowezi-1994.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .