16 September 2021 Volume :9 Issue :40

Umfundisi We-Jazz Uwine i-Best Contemporary Jazz Album Award

Umfundisi We-Jazz Uwine i-Best Contemporary Jazz Album Award
Ikhava ye-albhamu yesihlanu yomfundisi we-jazz, uMnu Sibusiso Mashiloane ethi iHubo Labomdabu.Click here for English version

UMnu Sibusiso Mashiloane, ongumfundisi we-Jazz e-UKZN, uwine i-Best Contemporary Jazz Album kuma-2021 Mzantsi Jazz Awards nge-albhamu yakhe yesihlanu ethi iHubo Labomdabu, lapho eshaya upiyano yedwa, okungumculo awuqophe ngesikhathi somvalelandlini.

‘Le albhamu ingumcabango wezinto engihlangane nazo empilweni yami, isimo sezombusazwe nempilo esiphoqwa ukuyiphila,’ kusho uMashiloane. ‘Lo mculo uqwashisa ngenhlalo, futhi uhumushe impilo yethu yemihla ngemihla njengoba isishintshile. Ngithemba ukuthi i-albhamu yami inika ukuzihlola, ukuthula nothando.’

Le albhamu edle umhlanganiso izindla ngokujulile ngempilo yabantu abamnyama nokuthi ikhaya lisho ukuthini. Le-albhamu kaMashiloane ingeyesihlanu futhi iyisiqephu sakamuva esiwubufakazi besibopho asenza sokukhiqiza ama-albhamu ayisikhombisa anezingoma eziyisikhombisa iyinye okungenani, ngaphambi konyaka wezi-2023.

 
UMashiloane, odumile kweze-jazz yaseNingizimu Afrika nasemashashalazini aphesheya omculo, wakhiqiza ama-albhamu amane kuqala, wonke athakaselwa kakhulu. Useke wathola imiklomelo eminingi, waqokwa kweminye imicimbi emikhulu enjengama-SAMA, ama-AFRIMA nama-International Urban Music Awards.

UMashiloane, okumanje ufundela iziqu zobudokotela, nokuyilapho ehlose ukuthi ngeso le-jazz yaseNingizimu Afrika agxile ezindikimbeni ezenza umuntu acabange ikhaya bese ezithola ephindela kulona.

‘Uma ngifundisa, ngiqinisekisa ukuthi luningi ulibo lwe-jazz yaseNingizimu Afrika kwisilabhasi yami,’ kusho yena. ‘Noma kungangithatha isikhathi esingakanani ukuqeda iziqu zobudokotela kepha sekuvele kungenza uthisha ongcono ngoba manje sengiyakwazi ukuxoxela abafundi bami ukuthi abantu bakithi badlule kuphi, yini asebeyibhalile nokuthi babedlala kanjani.’

iHubo Labomdabu litholakala kuzo zonke izinkundla zokuxhumana kanti akhona amakhophi ambalwa atholakala ngokubhalela ku: info@isupportdoyou.com.

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .